Ilanga News

by | 9 May 2025

AKAKUGQIZI qakala ukuchithwa yimiphumela yolibofuzo (DNA) yendodakazi yakhe eyamuka ngezikhukhula zonyaka ka-2022, yangcwatshwa ngokohlelo lukahulumeni owesilisa waseNtuzuma, eThekwini ofuna kumbiwe isidumbu sayo ayozingcwabela yena. UMnu Delani Mhlongo (46) uthi ngeke akuthole ukuphumula engakalingcwabi ithambo lendodakazi yakhe uNolusapho Dladla (17), yize ephikwe imiphumela ye-DNA ukuthi unguyise wayo.

ILANGA lithole ukuthi uNolusapho wangcwatshwa nguhulumeni ngemuva kokuba kwenziwe ulibufuzo olwabuya lwaphika ukuthi uMhlongo unguyise omzalayo. Lokho kwagcina kuholela etheni uhulumeni uzithathele isinqumo sokuba umngcwabe ngoba echitwe iDNA.

UMhlongo uthi nakuba kunjalo, ufuna simbiwe isidumbu sendodakazi yakhe ngoba ukholwa ukuthi i-DNA isashaye eceleni, umufi ingane yakhe.
Izolo, ngoLwesithathu, umndeni wakwaMhlongo ubunomhlangano nomphathi wesiteshi wamaphoyisa aseMtshebheni, uyofuna izimpendulo n ngokungcwatshwa kwendodakazi yawo ngohlelo lukahulumeni ungabikelwanga. Ngemva komhlangano uNkz Delisile Mhlongo (48), ongubabekazi kamufi, utshele ILANGA ukuthi bafuna ukuthola izeluleko zabameli ukuze kumbiwe isidumbu.


“Ingane yomfowethu imuke nomfula ngezikhukhulu, yatholwa umphakathi owawucinga amalungu emndeni yawo nawo njengoba babebaningi abantu ababemuke nezikhukhula ngalesiya sikhathi. Safonelwa satshelwa ukuthi isidumbu sengane sitholakele, sisemakhazeni kahulumeni ePhoenix. Amalungu omndeni ahamba ayohlonza isidumbu, achaza izimpawu esizobonakala ngazo. Umphenyi wecala wakushaya indiva lokho wangazibheka lezi zimpawu okukhulunywa ngazo. Kunalokho sizwe sekuthiwa udokotela wasemakhazeni ucela kwenziwe ulibofuzo. Sibe sesicela isicubu sikadadewabo abazalwa ngumama oyedwa naye ukuba siyohlonzwa, salinda amasonto awu-12 kuze sithole imiphumela. Kulokhu bathi akwenzekanga ngoba isicubu besinganele,” esho.

Uthi lokhu kwagcina sekuholela ekutheni ubudlelwano phakathi komndeni nodokotela bungabi buhle. “Ngokubona kuhamba isikhathi, sibe sesiya koqhinqa emakhazeni, kwaze kwaba khona amagama okusongelana phakathi komndeni nodokotela. Ngokuhamba kwesikhathi, bacele umfowethu ukuba ulibofuzo lwenziwe kuyena nayo indodakazi. Ngenxa yokuthi bese singasabathembi nabasemakhazeni, sicele ukwenza olwethu ulibofuzo eceleni ngesamba semali ewu-R3 681, nalo lwabuya lumchitha umfowethu. Sinezinsolo eziqinile zokuthi udokotela uphambanise izicubu ngenhloso ngoba besivele sesixabene naye. Sazama kaningi sicela ukuba yingxenye yokusikwa kwesicubu kodwa sachithwa. Kumanje asinabo ubufakazi bokuthi isicubu esathathwa ngesengane yethu ngempela. Kumanje sifuna izeluleko zomthetho kuze sithole uhlelo lokuba ingane imbiwe ingcwatshwe endaweni efanele,” esho.

Uyise wengane uhluleke nawukukhuluma wavele wakhetha ukungabi yingxenye yenkulumo. Umhlangano wayizolo ubuhlelwe yiNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo. Yize beyingekho kodwa beyithumele izinduna zayo ukuba zizowuthamela. Induna uMnu Thabani Ngcobo, ithi inkosi ikhathathezeke kakhulu ngalolu daba. “Umndeni wakwaMhlongo uye wayokhala enkosini. Inkosi yalusukumela lolu daba yahlela lo mhlangano wayizolo. Ikhala kakhulu ngomnyango wazempilo ukuthi yiwona onobudedengu,” esho.


Umufi uzalwe ngunina wamnikakela emndenini kayise enezinyanga ezintathu ezelwe ukuba bamkhulise. ILANGA litho ukuthi umndeni wakwaMhlongo uphikwa ulibifuzo nje nonina kamufi sewashona. Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa ngalolu daba iphunzile.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...