Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-DA ifuna kuphenywe ngokulinyazwa kwengqalasizinda yamanzi eThekwini

I-DA ifuna kuphenywe ngokulinyazwa kwengqalasizinda yamanzi eThekwini

by | 13 May 2025

IDEMOCRATIC Alliance ibhalele iManenja kaMasipala weTheku uMnu Musa Mbhele, ifuna uphenyo olunzulu ngobugebengu obuhleliwe nomkhankaso oqhubekayo wokulimaza ngamabomu ingqalasizinda yamanzi ezindaweni ezingaphansi kwalo masipala.

Leli qembu liveze ukuthi ziyaqina izinsolo zokuthi le ngqalasizinda ilinyazwa ngabathile abanezinhloso zokuzitamuzela amathenda ngamaloli okuthutha amanzi. UMnu Thabani Mthethwa ohola leli qembu kulo masipala uthe lobu bugebengu bokulimaza le ngqalasizinda usuze wanikezwa negama elithi Tanker Mafia ngenxa yokuhlelwa kwawo.

“Ukuhlelwa kwalobu bugebengu buthinta ezinye izikhulu zikamasipala osopolitiki nosomabhizinisi abazimisele ukuhlomula emalini yabakhokhi bentela,” kusho uMthethwa. Uqhube ngokuthi lobu bugebengu bunomthelela omubi emnothweni kanti bulimaza nenhlalo yomphakathi owakhele lo masipala. Uthe banxusa uMbhele ukuba ajube upheyo olunzulu oluhlanganisa amaphoyisa oKlebe nezinhloli ne-Special Investigating Unit (SIU) nezinye izinhlaka ukuze kufinyelele emnyombeni walobu bugebengu.

“Abantu baseThekwini badinga izimpendulo futhi abathintekayo kumele bathathelwe izinyathelo ezinqala njengoba kuyilungelo labo ukuthola amanzi ahlanzekile ngaphandle kwezihibe,” kusho yena enanela ngokuthi amanzi ayimpilo. Ukubeke kwacaca ukuthi iqembu lakhe ngeke liphumule zingakatholakali lezi zigebengu eziphazamisa inhlalonhle yabantu.

Isikhulu sezokuxhumana kulo masipala uMnu Vukani Mbhele akaphawulanga ngencwadi okuthiwa ithunyelelwe uMbele kodwa uphendule ngokuthi amaloli amasha awu-98 azokwethulwa ngonyaka wezimali ozayo kanti sesehlile safinyelela ku-100 isibalo samaloli aqashwayo. Uthe umasipala usezinhlelweni zokuxazula izinkinga zokunqamuka kwamanzi nokulinyazwa kwengqalasizinda yamanzi.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...