Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indida kunyamalala isaguga (78) sibuya emngcwabeni wesihlobo

Indida kunyamalala isaguga (78) sibuya emngcwabeni wesihlobo

by | 8 October 2025

UPHITHENE amakhanda umndeni wesaguga esagcina ukubonakala emngcwabeni womfowabo, osekuyophela isonto lesithathu sinyamalele.

Kubikwa ukuthi uNkz Ntombihletshiwe Beauty Ngcobo (78), (osesithombeni) waseSihlwini, eMontebello, eNdwedwe, unyamalale ngemuva komngcwabo womfowabo obuseSwidi, khona eNdwedwe.

Umndeni wakhe uthi wagcina ukumbona ngalelo langa. ILANGA likhulume noMnu Antony Ngcobo, oyindodana kaNkz Ngcobo, othi sebebheke yonke indawo, kabawutholi umkhondo kanina.

Utshele leli phephandaba ukuthi ngosuku agcina ukumbona ngalo, wamphelezela eseyogibela ibhasi. Uthe kwakungoLwesine, umngcwabo uzoba ngoMgqibelo.

“Ngiphinde ngamfonela, ngifuna ukuqinisekisa ukuthi uhambe ka-hle, baqinisekisa nasezihlotsheni ayeya kuzona ukuthi usefikile. Kwafihlwa ngeSabatha lomhla ka-13 kuMandulo (September), ezobuya ngemuva komngcwabo ngeSonto, ezolethwa ngelinye ilungu lomndeni.

“Siqale ukwethuka uma sekuze kushaya uMsombuluko engabuyile, futhi engasibikelanga lutho. Ngibe sengishayela isihlobo obekumele simlethe, ngibuza ukuthi uzobuya nini, sangitshela ukuthi ugibele enye imoto yesihlobo sethu, emuva komngcwabo.

“Ngenxa yokuthi lesi sihlobo akhuluma ngaso kunokungaboni ngaso linye phakathi kwethu naso, ngibe sengishayela induna, ngayi-cela ukuba ingibuzele kusona ngoba nginqena ukukhuluma naso.

“Ikwenzile lokho, kodwa naso samlandula, sathi ugibele imoto yesinye isihlobo. Ngibe sengisishayela lesi sihlobo, ngibuza ukuthi ngabe umama ukuphi. Singitshele ukuthi samshiya edolobheni eBhamshela, ngoba sasiphuthuma. Lokhu kungixakile ngoba lesi sihlobo siyakwazi ekhaya, futhi umama wayengayiphethe imali yokuthi engagibela esuka eBhamshela, afike ekhaya.

“Sibe sesibheka ezindaweni ezahlukene, lutho ukumthola umama. Sesiye ngisho kubantu ababonayo, nakhona kasisizakali. Okubuhlungu kunakho konke, wukuthi bonke abantu okuthiwa ugcine ukubonakala nabo, akekho noyedwa oke wazovela ekhaya, asichazele ukuthi kwenzekeni,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe icala ngowesifazane onyamalele, wacela ongaba nolwazi ngoNkz Ngcobo ukuba axhumane namaphoyisa aseNdwedwe kule nombolo ethi; 0325322356.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...