Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Owodumo lweSibaya ujoyina Uzalo

Owodumo lweSibaya ujoyina Uzalo

by | 5 June 2025

UJOYINA umdlalo owuchungechunge Uzalo umlingisi u-Asavela Mngqithi osanda kuba sematheni ngokwehlukanisa nomyeni wakhe ongusomabhizinisi, uVuyisa Mqokiyana. U-Asavela owazakhela igama ngokulingisa emdlalweni owuchungechunge ongasekho kumabonakude Isibaya, ujoyina lo mdlalo okhonjiswa kwi-SABC 1 phakathi nezinsuku lapho ezadlala khona indawo kaSizakele ongumhlengikazi. ILANGA lithole ukuthi u-Asavela uzodlala le ndawo emayelana nomhlengikazi omnene futhi ozithobile.

U-Asavela uke wabonakala nakweminye imidlalo kamabonakude okubalwa kuyo Abomama nakwiDurban Gen. Kuzokhumbuleka ukuthi lo mlingisi uke wathatha ikhefu lweminyaka emibili kulo mkhakha kulandela ukukhulelwa nokubeletha indodakazi yakhe. Phambilini watshela abezindaba ukuthi kulesi sikhathi engabonakali kumabonakude ukwazile ukusondelana nendodakazi yakhe waba ngumama okhona empilweni yakhe. Lona ngumdlalo wakhe wokuqala kumabonakude kusukela ekhuze ibuya kulo mkhakha.

Ethintwa yiLANGA uqinisekisile ukuthi nebala useyingxenye yalo mdlalo oqoshwa inkampani iStained Glass TV. Akafunanga ukwanda ngendawo azoyidlala njengoba ecele ukubuye ashayelwe kwazise ubesengena emsebenzini ngokusho kwakhe. U-Asavela oyindodakazi yomqeqeshi webhola likanobhutshuzwayo wakuleli uManqoba Mngqithi, uphinde waba sematheni ngesikhathi kuvela izindaba zokungahoshelani noyise. Uke wacashunwa emithonjeni yabezindaba eveza ukuthi usazimisele ngokuphinde ashade futhi kulandela ukuphela komshado wakhe nalo somabhizinisi.

AboZalo nabo bakuqinisekisile ukuthi uzobonakala kulo mdlalo. Abaphumelanga obala ngokuthi le ndawo kuzoba ngeyesikhashana noma ngezohlala isikhathi eside.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...