Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ukuhlukumezeka kuphoqe umculi wodumo avale ukuqashwa emicimbini

Ukuhlukumezeka kuphoqe umculi wodumo avale ukuqashwa emicimbini

by | 22 January 2025

UMANGAZE abaningi umculi wodumo uNtaba YaseDubai ekhipha isimemezelo sokuthi ngeke esakuvumela ukuqashwa emicimbini ukuzonandisa.

Lo mculi ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana iFacebook lapho edalule khona lokhu. Ebhala kule nkundla uthe uyabonga kakhulu kubona bonke abamesekile waze wafika la.

“Ngithathe isinqumo sokungasayamukeli imicimbi noma ukuqashwa ukuzonandisa emicimbini. Ngihlukumezeke kakhulu kulo mkhakha… sekuyisikhathi sokuqhamuka no-plan B,” ebhala kule nkundla.

Unxuse labo abameseke kusukela eqala ukungena kulo mkhakha ukuba baqhubeke bameseke njengoba esezogxila ekuzenzeleni eyakhe imicimbi.

“Kusukela namhlanje, uma ufuna ukubona mina ngicula uzoba kuyimicimbi ehlelwe yimina. Ngiyabonga kakhulu, ngizoqhubeka nokukhipha umculo,” kuveza lo mculi.

UNtaba YaseDubai uke waba sematheni ngesikhathi kuqubuka ukungaboni ngasolinye phakathi kwakhe noBig Zulu ngengoma eyashisa izikhotha esihloko sithi, “Imali Eningi”.

Uphinde waba sematheni nangesikhathi elaxaza inkampani abeqopha ngaphansi kwayo i-Ambitiouz Records. Wakhala ngale nkampani ngokungamenzeli lutho emculweni.

Ezisematheni

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

Kunxuswe amadoda ukulwa nokubulawa kwabesifazane

NGABESIFAZANE Abebeyingxenye yengqungquthela ye-IFP yokwethulwa kukasomqulu wezethembiso zokhetho. UPHAKAMISE ukuba kubizwe imbizo yamadoda ukulwa nesihlava sokubulawa kwabesifazane esidlangile kulezi zinsuku esifundazweni iGauteng, uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini...

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...