Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Owe-gospel uhloma ngezifundo zobumeli ukugwema ukuxhazeka emculweni

Owe-gospel uhloma ngezifundo zobumeli ukugwema ukuxhazeka emculweni

by | 19 November 2024

LINDA XIMBA

UHLOMA ngezifundo zobumeli umculi we-gospel osafufusa ngoba ethi wenzela ukungazitholi esexhaphazeka kule ndima kwazise ulubonile usizi olubhekane nabanye abaculi phambilini. UPinky Majola (42) (osesithombeni) waseLusikisiki, e-Eastern Cape – odume ngelikaQhawekazi esteji – uzokwethula i-albhamu yakhe yokuqala enezingoma eziwu-10, ethi “Rebuilding the Walls” mhla ka-30 kwephuzulu e-Ethekwini Community Church (ECC) kamBhishobhi uVusi Dube.

Le albhamu yelanywa yi-EP okukhona kuyona ingoma ethi “Igama Elihle” nethi “Before the Foundation”, ezidlalwa kakhulu emisakazweni yomphakathi naseziteshini ezinkulu KwaZulu-Natal naseGoli. “Kule albhamu ngigqugquzela abantu ukuba bavuke bazithathe uma kade bewile,” esho.

Ubonge ukwesekwa ngozakwabo abafike ngaphambi kwakhe endimeni yomculo, nabo abazonandisa kulo mcimbi. “Ngimema abazalwane ukuba baphume ngobuningi babo ngoba bazobhema bakholwe. Abaculi abazongeseka kulo mcimbi nguPutuma Tiso, uHope Lalami, uTsego Diango noLungelo Hlongwane,” kusho uQhawekazi.

Ngaphandle komculo nezifundo zobumeli, uQhawekazi usanda kusungula iQhawekazi Record Label athi uhlose ukuvumbulula ngayo amakhono kubaculi abafufusayo. Uthe amathikithi omcimbi atholala eWebtickets kwaPick n Pay kanti aqala ku-R200 kuya ku-R300.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...