Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kumiswe umdlalo weMFC kushona umdlali

Kumiswe umdlalo weMFC kushona umdlali

by | 22 April 2025

KUMISWE umdlalo weMotsepe Foundation Championship, obuphakathi kweDurban City neMilford FC, ngenxa yokudlula emhlabeni komdlali. Lo mdlalo umiswe ngesikhathi seziya ekhefini kuhamba phambili iMilford FC, ngo-1-0.

IPremier Soccer League (PSL) ngokubambisana nabaphathi bomdlalo bathathe isinqumo sokuwumisa, bezeseka ngokuthi bazomemezela ngokusemthethweni okuzokwenzeka.

Imibiko iveza ukuthi lo mdlali ube nokuxineka ngesikhathi besazifudumeza ngaphambi komdlalo, waphuthunyiswa esibhedlela lapho efike waphangalala khona.

Lo mdlali ILANGA linalo igama lakhe kodwa ngeke limdalule ngoba umndeni wakhe ubungakaziswa ngokusemthethweni.

Ngokomthetho weligi uma uqhubeka umdlalo, sewuyoqedelwa imizuzu engu-45 ebisele.

Ezisematheni

IMadlanga ibopha odalule ufakazi obefihliwe kwikhomishana

IMadlanga ibopha odalule ufakazi obefihliwe kwikhomishana

IKHOMISHANA kaMadlanga izothathela izinyathelo osolwa ngokuveza omunye wofakazi abebefakaza kule khomishini befihliwe. Lokhu kudalulwe yiJaji eselathatha umhlalaphansi elinguSihlalo wekhomishini uJaji Mbuyiseli Madlanga. Uveze ukuthi ikhomishini izovula amacala...

IMarch and March iyaziqhelelanisa noNgizwe

IMarch and March iyaziqhelelanisa noNgizwe

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha okuba kuleli iMarch and March isichithe owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu ukuthi asebenzisane nayo. Umholi weMarch and March, uNk Jacinta Ngobese-Zuma ukhiphe isitatimede...