Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzofanele achaze okuningi uRamaphosa kwiSona

Kuzofanele achaze okuningi uRamaphosa kwiSona

by | 5 February 2025

UMHLAZIYI wezepolitiki ozinze eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu, uthi inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa, azoyibhekisa esizweni namuhla ebusuku, izokwehluka kakhulu kulezo aseke wazethula ngaphambilini.

Inkulumo kaMengameli uzoyethula eCape Town City Hall, ngehora lesi 19h00 ebusuku. Yinkulumo yokuqala lena kaMengameli uRamaphosa, selokhu kwaba khona uhulumeni oholwa ngamaqembu ngokuhlanganyela (iGovernment of National Unity).

UKUBULAWA KWAMASOSHA EDRC

Uzokwethula le nkulumo nje uMengameli uRamaphosa, iNingizimu Afrika, igubuzelwe yifu elimnyama ngoba kubulawe amasosha akuleli eDemocratic Republic of Congo (DRC). UMnu Ndlovu, uthi udaba lokubulawa kwmasosha akuleli zwe eDRC, kuzokwenza amanye amaqembu apheke uMengameli uRamaphosa ngebhodwe elincane, ikakhulukazi uma sekunenkulumo-mpikiswano ngenkulumo yakhe.

“Lento eyenzekile eDRC, isitshela ukuthi iNingizimu Afrika ayifuni ukufunda isifundo, ngoba akukhona okokuqala amasosha akuleli abulawe ezweni alingaphandle. Yena angezithethelela ngokuthi amasosha akuleli, aye eDRC ngokohlelo nomyalelo weSouth African Developing Countries (SADC), hhayi ngokweSouth African National Defence Force (SANDF). Kuzofanele achaze umengameli ngoba sekuqubuke izinkulumo zokuthi izinsiza kusebenza ezazinikwe lama sosha zazingenele.”


UKUTHATHWA KOMHLABA NGAPHANDLE KWESINXEPHEZELO

“Enkulumeni yakhe kuzofanele enabe ngomthetho-sivivinyo we-Expropriation Bill, esiphasisiwe yaba ngumthetho. Nikhumbule ukuthi kunabesabela ukuthi ngalo mthetho izwe lingase lizithole lisesimweni esifana nelaseZimbabwe, kuthathwe umhlaba wabalimi abamhlophe ngaphandle kwesinxephezelo. Lokhu sekusukumise ngisho uMengameli waseMelika, uMnu. uDonald Trump, ngoba usesabise ngokuthi uzoluhoxisa uxhaso alunika iNingizimu Afrika, uma lungasheshiswa uphenyo okufanele lwenziwe ngalo mthetho-sivivinyo.”

UKWENYUKA KOMNOTHO

“Ohlangothini lwezomnotho, umengameli angazishaya isifuba ngoba ukuba khona kwe-GNU, kulethe ithemba kubatshali-zimali ngoba ukukhula komnotho kwenyukile kancane. Ngomhla ka 1 kuNdasa (March) kulo nyaka, isilinganiselo semali encane okufanele iholelwe izisebenzi (iNational Minimum Wage) izokwenyuswa, lokhu angaziqhenya ngakho uMengameli. Olunye udaba oluhluphe abantu baseNingizimu Afrika, okungafanele aluzibe, ilolu lwabantu bokufika kuleli abangasalawuleki. Kuzofanele achaze ngokuthuthukiswa kwezintuba zokungena nokuphuma kuleli zwe.”

IMIPHUMELA KA-MATRIC NE-NHI

“Uhlelo iNational Health Insurance (NHI), alwemukelwa yiwona wonke amaqembu akwi-GNU, kuzofanele achaze umengameli ukuthi kubhekwe kuphi ngalo. Imiphumela kaGrade 12, ibengcono kuzo zonke izifundazwe ngonyaka odlule (2024), umengameli angazishaya isifuba ngayo,” kuhlaziya uMnu uNdlovu.


Ngesonto eledlule kubenomhlangano weKhabhinethi oyinguyazana, lapho bekubhekwa khona izinto uMengameli okufanele azethulele isizwe uma sekunenkulumo ebhekiswe esizweni kusasa. Ngokwejwayelekile, ukuvulwa kweKhabhinethi kwandulelwa umiviliyelo wombutho wamashosha, kungene zombili izindlu ezakha iphalamende, okuyiNational Assembly, elawulwa nguSomlomo uNkk Thoko Didiza, neNational Council of Provinces (NCOP) elawulwa nguNkk Rifilwe Msweni-Thipane. Ingqephu isuke idla umunyu kwezichukuthwane ezisuke zethamele ukuwethulwa kwenkulumo kamengameli.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...