Ilanga News
Home 9 Featured 9 IMarch and March iyaziqhelelanisa noNgizwe

IMarch and March iyaziqhelelanisa noNgizwe

by | 27 July 2026

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha okuba kuleli iMarch and March isichithe owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu ukuthi asebenzisane nayo.

Umholi weMarch and March, uNk Jacinta Ngobese-Zuma ukhiphe isitatimede lapho ememezele khona ukuchitha uNgizwe.
Kusona uthe kunophenyo oluqhubekayo ngabathile abazama ukudayisa ngomzabalazo ngokwemukela intshontsho kubaholi bamaqembu epolitiki nosomabhizinisi abangahwebi ngendlela eqondile. 

Uthe njengoba kusaqhubeka uphenyo, abazukwazi ukusebenzisana noNgizwe kuze kube kuphothulwa lona.
Ukhipha lezi zindaba nje, uJacinta ubehlanganisa umbiko ngokusebenza kweMarch and March. Umbiko uwususela ezinhlelweni zabo belungiselela ukhukhulela-ngoqo wemashi ebingomhla ka-30 June 2026, kuze kube yimanje.

Kuwona ubebheka izinto ezehlukene okukhona kuzona nokweseka abanye ozakwabo abahlukumezekile ngenxa yemashi, njengoba kukhona necala abebelihambele lowesilisa waseCongo, osolwa ngokuhlasela udadewabo kaPastor Mjosty, wamgwaza amanxeba angu-46.

Uphinde wathinta nokunye okuhlanganisa indaba yemashi okuhlelwa ukuthi ibekhona njalo uma kunguLwesine nathe isaqhubeka kahle.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...