Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UBroos udunyazwa wukubukwa yizihlalo kweBafana kwi-Afcon

UBroos udunyazwa wukubukwa yizihlalo kweBafana kwi-Afcon

by | 30 December 2025

UKHONONDA ngokugqoza kwabalandeli emidlalweni ye-Afcon oqhubeka eMorocco umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos.

Uthi lokhu kwenza lo mqhudelwano ubande kungafani nobuse-Ivory Coast ngo-2024.

IBafana idlulele kwiLast-16 ye-Afcon iguqisa ngo-3-2 iZimbabwe koka-group B ngoMsombuluko.

Amagoli eBafana ashaywe nguTshepang Moremi, uLyle Foster no-Oswin Appollis obekuyiphenathi.

AweZimbabwe ashaywe nguTawanda Maswanhise no-Aubrey Modiba weBafana olihlohle ekhaya.

“Kanginawo lo muzwa wokuba semqhudelwaneni engiwuzwe e-Ivory Coast naseGabon, angazi ukuthi ngingayichaza kanjani le nto.
E-Ivory Coast naseGabon umzuzwana nomzuzwana ubuzizwa ukuthi usemqhudelwaneni.

Uma siyojima sisebhasini abantu bebesijabulela bephethe amafulegi, lana akukho lutho, kuyazibandela nje.

Yebo izinkundla zinhle kodwa uma usuyodlala uzibukelwa yizihlalo abantu ababonwa, yingcosana. Mabadedele abantu bangene mahhala.

Inkundla ibidabukisa iBafana idlala neZimbabwe, abantu bengekho. Abafikanga iBafana idlala ne-Angola.
Ikhona imidlalo ebayo nabantu kodwa kweminingi abantu kababi yingxenye yayo.

Kodwa-ke okuhle wukuthi sidlulele emzuliswaneni olandelayo yilokho okumqoka,” esho.

Ezisematheni

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

Umisiwe umfundisi osolwa ngokudlwengula umfana ona-16

UMISIWE emisebenzini yebandla omunye wabefundisi abanesikhundla esiphezulu eMethodist Church of Southern Africa, eyaziwa ngamaWeseli, ngemuva kokuboshwa, esolwa ngokudlwengulela endlini yesonto umfana (16) ahlangane naye enkundleni yabathungatha uthando (dating app)....

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...