Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuzogingqwa izinkomo eziwu-7 inesi liganwa ngabafazi abathathu

Kuzogingqwa izinkomo eziwu-7 inesi liganwa ngabafazi abathathu

by | 22 March 2026

ZIVEZE ukuthi sezilubheke ngabomvu usuku lwazo lomshado izingoduso ezintathu zakwaKhoza, eNkandla, okulindeleke ukuba zibophe ifindo likasofa silahlane nomyeni oyedwa, ngenyanga ezayo.

Lezi zintokazi okunguNkz Thobile Ntombela (33), odabuka esigodini sakwaNongamlana, nguNkz Khethukuthula Cebekhulu (43), ongowaseNhloshana, noNkz Nokuphiwa Mchunu (38), waseQhudeni, zizoshada noMnu Khayelihle Khoza (46), ongumhlengi (male nurse), waseThalaneni, khona eNkandla. 

ILANGA libe nengxoxo nalo mndeni ngezinhlelo zendumezulu yomshado ehlelelwe izimpelasonto ezimbili, kusuka kumhla ka-30 kuMbasa (April) kulo nyaka. Lo mndeni uthi ngempelasonto yomhla ka-30, kuyoba yindumezulu yomshado omhlophe, lapho uKhoza eyofaka indandatho eyodwa eyomela wonke amakhosikazi akhe, bese ngempelasonto elandelayo kube ngowesintu, okuyohlatshwa kuwona izinkomo eziwu-7, omakoti basine kanye kanye. 

Lo mndeni uthi sewufake amaphepha enkantolo, ucela ukuba igunyaze ukuthi womathathu amakhosikazi kaKhoza, abe nezitifiketi zomshado. Ngesikhathi ILANGA linengxoxo nalo mndeni, kugqame kakhulu ukubambisana phakathi kwezingoduso zikaKhoza, ezithi sezilulangazelele usuku olukhulu, osekuyisikhathi eside ziluhlela ngokubambisana.

Zitshele ILANGA ukuthi ziziphilisa ngokubambisana ebhizinisini lokungcwaba lomndeni, ikwaKhoza Funerals. Zithi nakuba zidabuka eNkandla zontathu, kodwa ziqale ukwazana sezithanda kwaKhoza. 

UNkz Ntombela utshele ILANGA ukuthi ukushada ngosuku olulodwa nabanakwabo, kufana nokufezekisa iphupho lomyeni wabo, onesifiso salolu hlobo lomshado.

“Kangisakwazi nokulinda ngendlela esengilujahe ngayo lolu suku. Okumnandi wukuthi sifeza iphupho likababa uKhoza, akade ayephupha ngalo ukuthi sibe nomshado wethu sonke ngosuku olulodwa,” esho.

“Ngijabule kakhulu ukuthi ekugcineni seluze lwafika usuku. Sesiside kakhulu isikhathi siludingida ukuthi sizoluhlela kanjani. Sonke nabanakwethu, sivumelene ngakho konke okuzobe kwenzeka. Bekubalulekile ukuba silekelele ubaba uKhoza ukuba afeze isifiso sakhe,” kusho uNkz Cebekhulu. 

UNkz Mchunu uhambe emazwini abo, wathi: “Sithandazela ukuthi usuku lwethu luhambe kahle. Kudala ubaba enesifiso ngalo mshado.”

UKhoza utshele ILANGA ukuthi selufikile usuku olukhulu empilweni yakhe. Ulichazele ngomlando wesithembu emndenini wakhe. Uthi uyisemkhulu noyise omzalayo, babenesithembu, naye uqhuba kuleyo ndawo.

“Ngiyindoda ethanda umndeni omkhulu, yingakho ngithathe amakhosikazi amathathu. Yonke into esiyenzayo layikhaya, siyenza ngokubambisana. Ebhizinisini lomndeni, amakhosikazi asebenza womathathu ngokubambisana. Uma siphuma siyodla ngaphandle, sihamba sonke, noma ngingekho mina, bayakwazi ukuhamba bobathathu. Sibe sesibonisana ukuthi nomshado wethu masiwenze ndawonye. 

“Njengoba sihlela nje, sihlukaniselene imisebenzi esiyenzayo. Kukhona abahlela izingubo ezizobe zigqokwe ngalolu suku, abanye babhizi nabazobe bepheka. Sizoqala ngomshado omhlophe lapho kulindeleke ukuba ngigqoke indandatho eyodwa, ezobe imele bona bobathathu. Amakhekhe kulindeleke ukuba abe mathathu,” esho.

UMnu Addool Gaffoor, wenkampani yabammeli, iParasram and Associates, utshele ILANGA ukuthi basezinhlweni zokuthola izeluleko zomthetho ukuthi bangalusebenza kanjani udaba lukaKhoza.

“Okwenziwe nguKhoza akujwayelekile, imvamisa kujwayeleke ukuthi kube khona unkosikazi omdala, okunguyena ovamise ukukhipha imvume yokuthi nabanye bangashada, kodwa kulokhu kwehlukile,” esho.

Isazi sezomthetho uMpumelelo Zikalala, weZikalala Attorneys, uthe kuzomele kube nesivumelwano sasenkantolo esizobe sicacisa ukuthi ingoduso ngayinye izohlomula kanjani emafeni kaKhoza, ngaphambi kokuvunyelwa ukushada nawo wonke amakhosikazi. UKhoza ubusiswe ngezingane eziwu-11 nezingoduso zakhe. Izingoduso zakhe zonke usezakhele imizi yazo ngokwehlukana. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...