Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Isithiyo ngokusebenza kwe-VAR kweye-PSL

Isithiyo ngokusebenza kwe-VAR kweye-PSL

by | 23 July 2025

UNGQONGQOSHE wezemiDlalo uGayton McKenzie useveze okusha ngeVideo Assistant Referee (VAR) njengoba enze sethembisosokuthi seyizosebenza emidlalweniyePremier Soccer League (PSL).

Wenza lesi sethembiso nje, sikhulu isililo gamaphutha enziwa ngonondweba emidlalweni yePSL.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMcKenzie wathi noma kanjani iVAR izokuba khona ngale sizini ezoqala. Wathi iVAR uzoyixhasa ngesamba esiwu-R90 million.

Kubikwa ukuthi njengoba isizini izoqala maduze nje, onondweba sebeqalile ukuzilolonga, kodwa dololo ukufundiswa ngeVAR.

UMcKenzie uthi usewenzile owakhe umsebenzi, konke sekulele kwiSouth African Football Association (Safa), okuyiyona ephethe onondweba.

“I-VAR inokwayo okwehlukile, kanjalo nezayo izingqinamba. Owami umsebenzi bekuwukwenza isiqiniseko sokuthi imali ikhona. IFifa ifuna iVAR yenganyelwe yiSafa. Sizohlala phansi neSafa kuleli sonto siqedele ukuqokwa kwenkampani ezokwengamela iVAR. “Sengiwenzile umsebenzi wami, iSafa nayo seyenza owayo. Kodwake kangingabazi ukuthi iVAR sizoba nayo,” esho.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...