Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bafuna ashaywe ngoswazi oluqinile umhlengikazi ‘ohlukumeze isiguli’

Bafuna ashaywe ngoswazi oluqinile umhlengikazi ‘ohlukumeze isiguli’

by | 20 August 2026

UYAVUTHA uSihlalo weKomidi leziMpilo, esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uDkt Imran Keeka, nge-video esabalele esinkundleni zokuxhumana, ekhombisa umhlengikazi wasesibhedlela iKing Dinuzulu, eThekwini, “ehlukumeza” isiguli.

Abantu abawuvali umlomo, babaza isihluku esenziwe yilo mhlengikazi kumuntu ogulayo, oze esibhedlela ngoba efuna ukuyonikwa impilo, nokunakekelwa. Abanye bathi umhlengikazi wayengeke ahlukumeze isiguli singenze lutho, kusho ukuthi “kukhulu esasikwenzile”.

UDkt Keeka uthi bona beyiDemocratic Alliance (DA), lesi sigameko bazosibeka ezithebeni zeSouth African Nursing Council (SANC).

“Sifuna kube nophenyo olunzulu, kungagcinwa ngalo kodwa umhlengikazi athathelwe izinyathelo, angaphinde abe yisisebenzi kunoma yisiphi isikhungo sezempilo. Sifuna futhi kuvulwe icala lokuhlukumeza emaphoyiseni, aboshwe, ukuze nabanye bezofunda isifundo,” kusho uDkt Keeka.

Umnyango wezempilo esifundazweni usukhiphe isitatimende esithi lo mhlengikazi usemisiwe emsebenzini.

“UNgqongqoshe uNomagugu Simelane-Mngadi ufuna umbiko ogcwele kubaphathi besibhedlela lapho lesi sigameko senzeke khona. Ufuna ukwazi ukuthi senzeke nini, nokuthi bona ngesikhathi bezwa ngaso, yiziphi izinyathelo abazithatha.

“UMnyango ngabe awazi ngalesi sigameko ukuba asisabalaliswanga ezinkundleni zokuxhumana. Le nto eyenzeke esibhedlela eKing Dinuzulu, ithele umnyango ngehlazo. Abantu abagulayo bayazwela, futhi badinga ukunakekelwa, hhayi ukuhlukunyezwa,” kusho uMnu Ntokozo Maphisa, okhulumela umnyango.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...