Ilanga News
Home 9 Featured 9 Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

by | 21 August 2026

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside ’emafukwini’ ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula.

Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kwaZulu-Natal ngaphansi kohlaka lokubhekelelwa kwezinhlekelele.

UNkk Cynthia Mncwango wasendaweni yakoBhayela, uthe indlu ebekade ehlala kuyona nomyeni wakhe ibingekho esimweni esihle.

Uthi izingane zabafana namantombazane bezihlangana ndawonye endlini eyodwa, uma kufanele kugeze abanye bayadedelana.

“Umuzi wami walimala waphela. Zonke izindlu eziwu-7 zabhidlika, kwasala eyodwa. Namhlanje siphumile osizini. Sibonga kakhulu ungqongqoshe walo mnyango ngokungenelela kwakhe,” kusho uNkk Mncwango.

Ngakolunye uhlangothi uNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe izinhlekelele zenzeke nyakenye kuMbasa(April). Uthi lemndeni ibixakekile kakhulu.

“Sasithembisile ukuthi abantu siyobakhela izindlu ezinesithunzi. Kulezi zakhiwo, sakhe nendlu yakagogo urawondi. Inhloso yethu enkulu ngukuthi abantu bakithi abamnyama sibakhiphe osizini’ kusho uMfu Buthelezi.

Ngenyanga edlule, ungqongqoshe uMfu Buthelezi wakhele imindeni emine yaseMbumbulu eThekwini.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...