Ilanga News
Home 9 Featured 9 Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

by | 21 August 2026

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside ’emafukwini’ ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula.

Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kwaZulu-Natal ngaphansi kohlaka lokubhekelelwa kwezinhlekelele.

UNkk Cynthia Mncwango wasendaweni yakoBhayela, uthe indlu ebekade ehlala kuyona nomyeni wakhe ibingekho esimweni esihle.

Uthi izingane zabafana namantombazane bezihlangana ndawonye endlini eyodwa, uma kufanele kugeze abanye bayadedelana.

“Umuzi wami walimala waphela. Zonke izindlu eziwu-7 zabhidlika, kwasala eyodwa. Namhlanje siphumile osizini. Sibonga kakhulu ungqongqoshe walo mnyango ngokungenelela kwakhe,” kusho uNkk Mncwango.

Ngakolunye uhlangothi uNgqongqoshe uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe izinhlekelele zenzeke nyakenye kuMbasa(April). Uthi lemndeni ibixakekile kakhulu.

“Sasithembisile ukuthi abantu siyobakhela izindlu ezinesithunzi. Kulezi zakhiwo, sakhe nendlu yakagogo urawondi. Inhloso yethu enkulu ngukuthi abantu bakithi abamnyama sibakhiphe osizini’ kusho uMfu Buthelezi.

Ngenyanga edlule, ungqongqoshe uMfu Buthelezi wakhele imindeni emine yaseMbumbulu eThekwini.

Ezisematheni

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

I-NPA ihoxisa akaKhumalo noMokwele ngokusemthethweni

UPHIKO lwezokushushisa eNingizimu Afrika iNational Prosecuting Authority (NPA) kulindeleke ukuthi luhoxise ngokusemthethweni amacala abebhekene noLt Gen Dumisani Khumalo noBrigadier Dineo Mokwele nabanye abasolwa nabo. UKhumalo nabanye baboshwa ngoNhlangulana nyakenye...