Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

Uzofihlwa ngokohlelo lukahulumeni uDkt Mlambo-Ngcuka

by | 21 November 2026

UZOHLONISHWA ngomngcwabo kahulumeni osesigabeni sesibili owayeyisekela likaMengameli uDkt Phumzile Mlambo-Ngcuka (71) oshone ngoLwesihlanu ebusuku. Ihhovisi likamengameli limemezele izinhlelo zokufihlwa kwakhe futhi umngcwabo uzoba se-Eastern Cape ngoMgqibelo.

UDkt Mlambo-Ngcuka odabuka eClermont, kwaZulu-Natal, waba yisekela likaMengameli  lokuqala lesifazane ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika. Ungunkosikazi kaMnu Bulelani Ngcuka owayeyinhloko eMnyangweni wezokuShushisa kuleli. Unezingane ezinhlanu. Izindaba zokushona kwakhe zithinte abaningi njengoba ilokhu ingenile imiyalezo yendunduzo kuvezwa namagalelo akhe ebuholini bukahulumeni.

Njengoba kuqhubeka izinhlelo zomngcwabo wakhe, umndeni  uhlele umkhuleko ozoba kusasa ngeSonto ekhaya eMorningside, eSandton ngehora lesibili emini. Uphinde wacela ukuthi zingabi khona iziboni ngoMsombuluko ezizofika ekhaya njengoba umatasa nehhovisi likamengameli kuhlelwa umngcwabo wakhe. Inhlangano i-African National Congress (ANC) ithe waba yilungu lesigungu esiphezulu elenza kahle laqopha nomlando ngokuba yisekela likamengameli lokuqala lesifazane ngesikhathi sikaMengameli Thabo Mbeki.

Ngesikhathi sakhe uDkt Mlambo-Ngcuka waba  wuMqondisi kwi-UN Women and United Nations kusuka ngo-2013 kuya ku-2021.  Ekulesi sikhundla wasungula i-HeForShe movement eyayilwela amalungelo abesifazane yathola noxhaso luqhamuka emazweni angaphandle.

Waphinde waqokwa ukuba wuShansela wase-University of Johannesburg ngo-2022.

tndlovu@ilanganes.co.za

Ezisematheni

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

Bagwetshwe odilikajele abebengaphandle ngoshwele

INKANTOLO eNkulu yaseThekwini igwebe udilikajele uSibongiseni Mkhize (39) noNkosinathi Ndlovu (41) abebengaphandle ngoshwele kodwa babulala umnikazi wepulazi eWaterfall. Iphinde yabagixabeza ngeminyaka engu-20 umuntu emunye ngokugqekeza nokutholakala nesibhamu...

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNtuli uthi ziqinile ezokuphepha ngaholidi kaDisemba

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthi ukuphepha kwabantu bakulesi sifundazwe akuzoncengwana ngakho njengoba benomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uhamba ngokukhululeka. Lokhu ukusho namhlanje kwethulwa izinhlelo zokuphepha njengoba sekungena...