Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lizowudlela ekhulukuthu uKhisimusi iphoyisa “elabulala” lifuna imali yomshwalense

Lizowudlela ekhulukuthu uKhisimusi iphoyisa “elabulala” lifuna imali yomshwalense

by | 1 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

LIZOQHUBEKA ngoFebruary wonyaka ozayo icala lephoyisa laseLimpopo, uRachel Shokane-Kutimela, elibhekene namacala okubulala ngenhloso yokuzuza imali yomshwalense, emuva kokuthi lilaxaze isicelo sebheyili namuhla. Leli phoyisa liboshwe nendodakazi yalo endala, uNkz Flora Shokane nodadewabo omdala uNkz Anna Shokane, okusolwa ukuthi bamsiza ekubulaleni ezinye zezisulu nasekuzibhaliseni emishwalenseni eyehlukene. 

URachel ubanjwe ngenyanga edlule, wathweswa amacala awu-32 okubalwa awu-9 okubulala, awenkohlakalo nawokukhwabanisa. NgoLwesithathu uqale ukufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yasePolokwane, lapho ebezigibelela khona ebhokisini, achithe amacala abekwe wona. Namuhla ushaye ungqimphothwe ngesikhathi ummeli wakhe etshela inkantolo ukuthi useyasilaxaza lesi sicelo. URachel waboshwa wugalagala lomphenyi wamacala obugebengu bemishwalense, uCpt Kheshi Mabunda, owaduma ngokugojela uRosemary Ndlovu naye owayeyiphoyisa futhi enza amacala afanayo nakaRachel.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...