Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lizowudlela ekhulukuthu uKhisimusi iphoyisa “elabulala” lifuna imali yomshwalense

Lizowudlela ekhulukuthu uKhisimusi iphoyisa “elabulala” lifuna imali yomshwalense

by | 1 November 2024

THANDOLUHLE NGUBO

LIZOQHUBEKA ngoFebruary wonyaka ozayo icala lephoyisa laseLimpopo, uRachel Shokane-Kutimela, elibhekene namacala okubulala ngenhloso yokuzuza imali yomshwalense, emuva kokuthi lilaxaze isicelo sebheyili namuhla. Leli phoyisa liboshwe nendodakazi yalo endala, uNkz Flora Shokane nodadewabo omdala uNkz Anna Shokane, okusolwa ukuthi bamsiza ekubulaleni ezinye zezisulu nasekuzibhaliseni emishwalenseni eyehlukene. 

URachel ubanjwe ngenyanga edlule, wathweswa amacala awu-32 okubalwa awu-9 okubulala, awenkohlakalo nawokukhwabanisa. NgoLwesithathu uqale ukufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yasePolokwane, lapho ebezigibelela khona ebhokisini, achithe amacala abekwe wona. Namuhla ushaye ungqimphothwe ngesikhathi ummeli wakhe etshela inkantolo ukuthi useyasilaxaza lesi sicelo. URachel waboshwa wugalagala lomphenyi wamacala obugebengu bemishwalense, uCpt Kheshi Mabunda, owaduma ngokugojela uRosemary Ndlovu naye owayeyiphoyisa futhi enza amacala afanayo nakaRachel.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...