Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubongelwe yisizwe uPhakelumthakathi ngesipho semoto

Ubongelwe yisizwe uPhakelumthakathi ngesipho semoto

by | 19 April 2026

UBONGELWE yisizwe sangakubo KwaMandlakazi, uNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba, ngokuthengelwa imoto entsha yohlobo lweFord Ranger, ngusomabhizinisi ongadalulwanga.

UPhakelumthakathi usezakhele ugazi ngomkhankaso wakhe wokwehla enyuka, exosha abantu bokufika abakuleli lizwe ngokungekho emthethweni. NgoLwesithathu ubehambele inkosi yesizwe sakhe KwaMandlakazi, iNkosi uBhekintinta Zulu, eyokwethula isipho sakhe semoto.

ILANGA likhulume nenkosi ethe iyaziqhenya ngeqhaza likaNdabandaba emphakathini.

“Siyajabula, ngikhuluma nawe nje kuyakikizwa lapha ekhaya, sibonga impumelelo yakhe. Uzifikele mathupha nemoto ukuba siyibone. Sifisa ukuba lokhu akwenzayo aqhubeke nakho, kubambe elikhulu iqhaza emphakathini,” kusho inkosi.

UNdunankulu wesizwe saKwaMandlakazi, uMnu Fundakuye Ndwandwe, naye uhambe emazwini enkosi.

“Siyambongela kakhulu uNdabandaba. Umfana wakithi lo, okhulele la phambi kwethu. Usiqhakambise kakhulu isizwe sethu. Konke akwenzayo siyameseka ngoba ubumba isizwe, nezwe,” esho.

UPhakelumthakathi ubonge iNxusa laseNdlunkulu uMalusi Zondi, ngokugqugquzela usomabhizinisi ukuba amuphe ihhashi.
“Ngifisa ukubonga uZondi ngo- kunxenxa usomabhizinisi engi- ngeke ngimdalule ukuba aphonse esivivaneni. Ngisezinhlelweni zo- kuba ngiye ngqo emzini wakhe ngiyozibongela mathupha,”esho.
Ecacisa ngokungaveli kukaso- mabhizinisi onikelile, uthe: “Bani- ngi abantu abangixhasayo ngo- mkhankaso engiwenzayo kodwa abangafuni ukuziveza.
“Namanje ngiyakuncoma okwenziwe yilo somabhizinisi engimaziyo mina, ukuba angafuni ukuvela ngo- ba amehlo abesezothi njo kuyena, kungabe ku- sanakwa isipho semoto,” esho.
Uveza imi- sebenzi azo- yenza ngale moto.
“Ngizogxi-la kakhulu ekusebenzeni izindaba zamakhosi njengoba bengivele ngenza. Ngizogxila nasekukhucululeni amadolobha. Isisho sesiZulu siyasho sithi inkosi iyabusa, thina si- yayisebenzela.
“Njengoba ngizohlangana nenkosi, kuningi esizokuhlela, ikakhulukazi ukuvula amathuba emisebenzi ezinsizweni ezingasebenzi,” usho kanje.
Imoto uyamukele ngeSonto nje- ngesipho sokuthi akwazi ukwenza kahle umsebenzi wakhe. Ilethwe kuye uNgizwe Mchunu, asebenga- mathe nolimi muva nje.
www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...