Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ubongelwe yisizwe uPhakelumthakathi ngesipho semoto

Ubongelwe yisizwe uPhakelumthakathi ngesipho semoto

by | 19 April 2026

UBONGELWE yisizwe sangakubo KwaMandlakazi, uNkosikhona “Phakelumthakathi” Ndabandaba, ngokuthengelwa imoto entsha yohlobo lweFord Ranger, ngusomabhizinisi ongadalulwanga.

UPhakelumthakathi usezakhele ugazi ngomkhankaso wakhe wokwehla enyuka, exosha abantu bokufika abakuleli lizwe ngokungekho emthethweni. NgoLwesithathu ubehambele inkosi yesizwe sakhe KwaMandlakazi, iNkosi uBhekintinta Zulu, eyokwethula isipho sakhe semoto.

ILANGA likhulume nenkosi ethe iyaziqhenya ngeqhaza likaNdabandaba emphakathini.

“Siyajabula, ngikhuluma nawe nje kuyakikizwa lapha ekhaya, sibonga impumelelo yakhe. Uzifikele mathupha nemoto ukuba siyibone. Sifisa ukuba lokhu akwenzayo aqhubeke nakho, kubambe elikhulu iqhaza emphakathini,” kusho inkosi.

UNdunankulu wesizwe saKwaMandlakazi, uMnu Fundakuye Ndwandwe, naye uhambe emazwini enkosi.

“Siyambongela kakhulu uNdabandaba. Umfana wakithi lo, okhulele la phambi kwethu. Usiqhakambise kakhulu isizwe sethu. Konke akwenzayo siyameseka ngoba ubumba isizwe, nezwe,” esho.

UPhakelumthakathi ubonge iNxusa laseNdlunkulu uMalusi Zondi, ngokugqugquzela usomabhizinisi ukuba amuphe ihhashi.
“Ngifisa ukubonga uZondi ngo- kunxenxa usomabhizinisi engi- ngeke ngimdalule ukuba aphonse esivivaneni. Ngisezinhlelweni zo- kuba ngiye ngqo emzini wakhe ngiyozibongela mathupha,”esho.
Ecacisa ngokungaveli kukaso- mabhizinisi onikelile, uthe: “Bani- ngi abantu abangixhasayo ngo- mkhankaso engiwenzayo kodwa abangafuni ukuziveza.
“Namanje ngiyakuncoma okwenziwe yilo somabhizinisi engimaziyo mina, ukuba angafuni ukuvela ngo- ba amehlo abesezothi njo kuyena, kungabe ku- sanakwa isipho semoto,” esho.
Uveza imi- sebenzi azo- yenza ngale moto.
“Ngizogxi-la kakhulu ekusebenzeni izindaba zamakhosi njengoba bengivele ngenza. Ngizogxila nasekukhucululeni amadolobha. Isisho sesiZulu siyasho sithi inkosi iyabusa, thina si- yayisebenzela.
“Njengoba ngizohlangana nenkosi, kuningi esizokuhlela, ikakhulukazi ukuvula amathuba emisebenzi ezinsizweni ezingasebenzi,” usho kanje.
Imoto uyamukele ngeSonto nje- ngesipho sokuthi akwazi ukwenza kahle umsebenzi wakhe. Ilethwe kuye uNgizwe Mchunu, asebenga- mathe nolimi muva nje.
www.ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...