
KUCHUNGECHUNGE lwemigubho ye-jazz yaminyaka yonke, kulo nyaka iSagiya Foundation iqoqe izinkakha zalo mculo ukugubha lolusuku ngokunikela ingxenye yemali yalo mcimbi kwiSacred Heart Secondary School, oSindisweni, eVerulam. Ngomhla ka 02 May 2026 izinkakha zomculo weJazz zizoshiyelana inkundla emagcekeni aso lesi sikole.
Lapha kubalwa isihlabani esimnkantshubovu kweze-jazz, uSelaelo Selota ozobe egiya noDkt Xolisa Dlamini naye osezakhele udumo kuwo lomkhakha ngezingoma zakhe ezihlabahlosile. Ufika esashisa ebuya kwiCape Town International Jazz Festival yalo nyaka. UDkt Sbu Mash Mashiloane naye obuya kwiCape Town International Jazz Festival uthembisa lukhulu kule festival. UDkt Natalie Rungan ungumdidiyeli weKZN Schools Jazz Festival ungumculi nomqambi wezingoma uzobe emele abomdabu waseNdiya, eqhulula amanoni akhe eJazz.
“Ukubophela odokotela kwezomculo kusho ukukhuphuka kwezinga lalomgidi okwenza ube sezingeni lomhlaba njengoba ugqugquzelwa i-UNESCO neHerbie Hancock Institute of Jazz yase London. Sizokhumbula ukuthi i-Inaugural KZN International Jazz Festival yaba isasasa elikhulu ngonyaka ka-2023 lapho yayilethe izihlabani zaphesheya kwezilwandle. Okubalwa uRichard Bona wase-USA noYayoi Ikawa waseJapan. Ezinye izihlabani eziyizifundiswa kuwo lomkhakha weJazz zizobe zigiya zidedelana kubalwa uMthobisi Mthalane ofundisa umculo kuso lesi sikhungo iSacred Heart Secondary School,” kuchaza u-Atlas Duma ongumhleli walo mcimbi. Kuzobe kuukhona noVincent Mtetwa odume ngengoma ethu Judgement Day naye uyisifundiswa seJazz, uSifiso Khanyile odabuka ePietermaritzburg kodwa osezinze eGoli uzobe ededela amanoni e-album yakhe entsha. Intokazi esanda kuphothula kwizifundo zeJazz e-UKZN, uThembalethu Bhengu.
“ISagiya Foundation ihlangene neSacred Heart Secondary School imema bonke abathandi be-jazz, osomabhizinisi, umphakathi, nabo bonke abake bafunda kuso lesi sikole ukuba baphelele ngobuningi babo. Bazobungaza lomcimbi ozoxhasa isikole ze sithole izinsiza zokufunda nokufundisa endaweni enhle nefanelekile ukuba umtwana
wesifazane athole imfundo ephelele nenohlonze,” kuchaza uDuma weSagiya Foundation. I-KZN International Jazz Festival ijwayele ukubanjelwa ngaphakathi (indoors) kodwa le kuzobe kuyi- Outdoor Jazz Experience nesiqubulo esithi “Celebrating the Brilliance, Courage and Unity of Young Women.” Lo mcimbi uzoqala ngehora lesi 16:00 uphele ebusuku ngo-23:00. Amathikithi abiza kanje uR200 iGeneral, uR300 iGolden Circle bese kuthi iVIP UR1000, ukudla nokuphuzwayo kuzobe kudayiswa khona.
Amathikithi atholakala ewebtickets nakwa Pick n Pay nakwaBoxer.
Ngemininingwane ungathinta u-Atlas Duma:sagiyafoundation@gmail.com noma ku-081 373 8185







