
USEPHUMELE obala uMengameli Cyril Ramaphosa, wathi uyamazi usomabhizinisi osematheni kulezi zinsuku, uMnu Hangwani Maumela, okugaselwe emzini wakhe kanokusho, eSandton, eGoli, kwashaqwa izimpahla ngesonto eledlule.
UPhiko lweSpecial Investigative Unit (SIU), belulandela uMaumela, limphenya ngokukhwatshaniswa kwemali yesibhedlela saseThembisa. Kuthiwa le nkohlakalo uMaumela, wayenza ehlangane nomunye usomabhizinisi oboshiwe, uMnu Vusimuzi “Cat” Matlala.
Ephendula imibuzo kwiNational Council Of Provinces (NCOP) ePhalamende ngoLwesibili, uRamaphosa, uthe eminyakeni engamashumi amane eyedlule, wayeshade nobabekazi (u-anti) kaMaumela, wathi umazi kanjalo, akukho okwedlula lokho.
Uthe selokhu athatha isikhundla sokuba ngumengameli wezwe ngo-2018, usamile ekutheni akuliwe futhi kukhucululwe inkohlakalo kuwowonke amazinga nezinhlaka.
Ebuzwa ngongqongqoshe abasolakala enkohlakalweni, uNkz Thembi Simelane, noMnu Senzo Mchunu, uthe ngaphambi kokuthatha yinoma yisiphi isinqumo, uyacabangisisa futhi axhumane nabathile abamnika izeluleko.
UNkz Simelane wasolwa ngokuthi wathatha imali ezalayo esikhungweni esihlangene nebhange iVBS, uRamaphosa wamsusa ekubeni ngungqongqoshe wezobulungiswa, wamenza owezokuHlaliswa kwabantu.
UMchunu, osamisiwe emsebenzini, ngoba enikwe ikhefu eliyipesheli, igama lakhe ladalulwa nguJenene Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi enesithangami sabezindaba ngoNtulikazi (July), eThekwini.
UMengameli uthi uhlelo lokuletha intuthuko ngokuhlelo lwezifunda, luthela izithelo ezibonakalayo. Udalule i-EThekwini Presidential Working Group eyajutshwa ukuba ibiyusele idolobha esimeni esihle njengosebenza kahle.
“I-EThekwini Presidential Working Group ikwazile ukwenza iTheku laba yindawo eheha izivakashi, njengoba kwakunjalo phambilini. Sigxila ekuthuthukiseni ingqalasizinda emadolobheni amakhulu,” esho.







