Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abadidiyeli bamabutho kabeneme ngezinkulumo zikaMax Makhanya

Abadidiyeli bamabutho kabeneme ngezinkulumo zikaMax Makhanya

by | 25 March 2025

BASONGA ngokuphuma inqina, bathungathe uMnu Max Makhanya abadidiyeli bamabutho ngemuva kokuba kusabalale izinkulumo zakhe ezithinta iNdlunkulu kaZulu ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi iFacebook neTiktok.

Namuhla emini izinduna zamabutho esizwe samaZulu zibambe isithangami sabezindaba lapho khona zizwakalise ukuthi sezixhumene nobuholi besizwe sakwaMakhanya, okuyilapho khona uMakhanya uyaye azichaze ngokuthi uzalwa khona.

UMnu Sipho Mhlongo ongumdidiyeli wamabutho kaZulu utshele abezindaba ukuthi kuningi okungehli kahle okuhlala kushiwo nguMakhanya. Uthe bayakuqonda ukuthi uMakhanya usetshenziswa ngabathile ngaphakathi endlunkulu yesizwe samaZulu.

Kwezinye zezinkulumo zikaMakhanya uthi kukhona abathile abasondelene neSilo, abathengisa ngesihlalo sobukhosi bukaZulu. Uthi bathatha imali abayinikwa yiNgonyama Makhosetive ‘Mswati III’ Dlamini, enguninalume weSilo uMisuzulu kaZwelithini Zulu. Uma enza lezi zinkulumo, uzwakala encoma uMntwana Simakade Zulu.

“Akukho esikwaziyo kukhona konke lokhu okungekuhle ahlala ekukhuluma ngesihlalo sikaZulu. Thina satshelwa ngabadala besizwe ukuthi iNgonyama yakhipha izinkomo zawela uPhongolo, ziyolanda uMntankosi eSwazini.

“Kuyihlazo akulungile lokhu akwenzayo. Sicela abasondelene naye bamkhuze. Lokhu akwenzayo kuzomenza ukuthi abe nenkinga nathi. Sesixhumene nondunankulu wesizwe sakwaMakhanya, samcela ukuthi ake basifunise lomuntu ohlambalaza isihlalo.

“Uthi isibeletho sikamntanenkosi asibanga sihle. Kungamanyala lokhu akushoyo. Akekho umuntu owumzulu ongavumelana nalento ayenzayo. Isizwe sakwaMakhanya kufanele siphumele obala ukuthi siyazikhipha kule nto sicacise nokuthi simi kuphi ngayo. Thina kasiphoqi muntu ukuthi ahloniphe iNgonyama ngoba ingeyethu,” kuphetha uMhlongo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...