Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abadidiyeli bamabutho kabeneme ngezinkulumo zikaMax Makhanya

Abadidiyeli bamabutho kabeneme ngezinkulumo zikaMax Makhanya

by | 25 March 2025

BASONGA ngokuphuma inqina, bathungathe uMnu Max Makhanya abadidiyeli bamabutho ngemuva kokuba kusabalale izinkulumo zakhe ezithinta iNdlunkulu kaZulu ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi iFacebook neTiktok.

Namuhla emini izinduna zamabutho esizwe samaZulu zibambe isithangami sabezindaba lapho khona zizwakalise ukuthi sezixhumene nobuholi besizwe sakwaMakhanya, okuyilapho khona uMakhanya uyaye azichaze ngokuthi uzalwa khona.

UMnu Sipho Mhlongo ongumdidiyeli wamabutho kaZulu utshele abezindaba ukuthi kuningi okungehli kahle okuhlala kushiwo nguMakhanya. Uthe bayakuqonda ukuthi uMakhanya usetshenziswa ngabathile ngaphakathi endlunkulu yesizwe samaZulu.

Kwezinye zezinkulumo zikaMakhanya uthi kukhona abathile abasondelene neSilo, abathengisa ngesihlalo sobukhosi bukaZulu. Uthi bathatha imali abayinikwa yiNgonyama Makhosetive ‘Mswati III’ Dlamini, enguninalume weSilo uMisuzulu kaZwelithini Zulu. Uma enza lezi zinkulumo, uzwakala encoma uMntwana Simakade Zulu.

“Akukho esikwaziyo kukhona konke lokhu okungekuhle ahlala ekukhuluma ngesihlalo sikaZulu. Thina satshelwa ngabadala besizwe ukuthi iNgonyama yakhipha izinkomo zawela uPhongolo, ziyolanda uMntankosi eSwazini.

“Kuyihlazo akulungile lokhu akwenzayo. Sicela abasondelene naye bamkhuze. Lokhu akwenzayo kuzomenza ukuthi abe nenkinga nathi. Sesixhumene nondunankulu wesizwe sakwaMakhanya, samcela ukuthi ake basifunise lomuntu ohlambalaza isihlalo.

“Uthi isibeletho sikamntanenkosi asibanga sihle. Kungamanyala lokhu akushoyo. Akekho umuntu owumzulu ongavumelana nalento ayenzayo. Isizwe sakwaMakhanya kufanele siphumele obala ukuthi siyazikhipha kule nto sicacise nokuthi simi kuphi ngayo. Thina kasiphoqi muntu ukuthi ahloniphe iNgonyama ngoba ingeyethu,” kuphetha uMhlongo.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...