Ilanga News
Home 9 Featured 9 Insangu nogwayi amaphoyisa egasela ezikoleni zaseNanda

Insangu nogwayi amaphoyisa egasela ezikoleni zaseNanda

by | 22 July 2025

ATHOLE insangu nogwayi amaphoyisa ngesikhathi egasela kungazelele ezikoleni ezahlukene eNanda ngoLwesibili ekuseni ehambisana nezikhulu zoManyango wezeMfundo ezweni lonke.

Amaphoyisa aKwaZulu Natal ngokubambisana nalo mnyango avakashele izikole Ikusasalethu Secondary, Newtown Combined neNanda Comprehensive ngenhloso yokuzopequlula kwazise le ndawo yaziwa kakhulu ngobugebengu nobuqhwaga.

Amaphoyisa aveze ukuthi ukuvakashela lezi zikole kuhambisana nomkhankaso woMnyango wezeMfundo wokuqinisekisa ukuthi izikole ziba yindawo ephephile futhi ekulungele izingane zifunde nokuqinisekisa ezokuphepha.

Phakathi kwezinto lo mkhankaso ogxile kuzona wukulwa nobuqhwaga ezikoleni, impilo yamagenge ukusetshenziswa kwezidakamizwa nodlame elibhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ngesikhathi amaphoyisa epequlula ezikhwameni zabafundi athole insangu nogwayi kwabanye babafundi.

Amaphoyisa aphinde athola ithuba lokuqwashisa nokuxwayisa abafundi ngokubaluleka kokuziphatha kahle nezindlela zokuthi bazivikele ezintweni eziphamene nomthetho.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...