Ilanga News
Home 9 Featured 9 Insangu nogwayi amaphoyisa egasela ezikoleni zaseNanda

Insangu nogwayi amaphoyisa egasela ezikoleni zaseNanda

by | 22 July 2025

ATHOLE insangu nogwayi amaphoyisa ngesikhathi egasela kungazelele ezikoleni ezahlukene eNanda ngoLwesibili ekuseni ehambisana nezikhulu zoManyango wezeMfundo ezweni lonke.

Amaphoyisa aKwaZulu Natal ngokubambisana nalo mnyango avakashele izikole Ikusasalethu Secondary, Newtown Combined neNanda Comprehensive ngenhloso yokuzopequlula kwazise le ndawo yaziwa kakhulu ngobugebengu nobuqhwaga.

Amaphoyisa aveze ukuthi ukuvakashela lezi zikole kuhambisana nomkhankaso woMnyango wezeMfundo wokuqinisekisa ukuthi izikole ziba yindawo ephephile futhi ekulungele izingane zifunde nokuqinisekisa ezokuphepha.

Phakathi kwezinto lo mkhankaso ogxile kuzona wukulwa nobuqhwaga ezikoleni, impilo yamagenge ukusetshenziswa kwezidakamizwa nodlame elibhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ngesikhathi amaphoyisa epequlula ezikhwameni zabafundi athole insangu nogwayi kwabanye babafundi.

Amaphoyisa aphinde athola ithuba lokuqwashisa nokuxwayisa abafundi ngokubaluleka kokuziphatha kahle nezindlela zokuthi bazivikele ezintweni eziphamene nomthetho.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...