Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Injabulo kugwetshwa isela lezinkomo ebelihlalise kabi umphakathi

Injabulo kugwetshwa isela lezinkomo ebelihlalise kabi umphakathi

by | 26 November 2025

KUBE yinjabulo yodwa emphakathini waKwaCeza namaphethelo kugwetshwa isela lezinkomo ebeliwuhlalise kabi kusukela ngo-2014.

INkantolo yesiFunda eMahlabathini, igwebe uJetro “Mabhoza” Madide iminyaka ewu-3 nezinyanga eziwu-6 ebhadla ejele ngecala lokweba izinkomo ezinhlanu okubalwa nezakwamakhelwane wakhe. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngoMbasa (April) kuwona lo nyaka lapho kwebiwa khona izinkomo ezinhlanu zemizi eyahlukene.

Kuthiwa lezi zinkomo zatholakala sezidayisiwe, uphenyo lwamaphoyisa lawaholela kuMadide. Kuthiwa phakathi kwezinto abanjwe ngazo, yimininingwane yasebhange njengoba wayesekhokhelwe ngazo lezi nkomo ayezebile.

ILANGA lithole ukuthi uMadide ubewuhlalise kabi umphakathi njengoba ubeseboshwe izikhawu eziningi ngokweba imfuyo, kodwa abuye adedelwe. Umthombo weLANGA uthe: “UMadide ubesenesikhathi ehlupha umphakathi wangapha ngakithi neminye, ubebuye aphume eyozeba ngaphandle izinkomo. Ubefike aboshwe, ahlale isikhashana ejele, uthi uyabona usededeliwe.

“Lokhu bekuwuphatha kabi umphakathi ngoba bekwaziwa ukuthi uyisela. Siyasola ukuthi kukhona abezwana nabo ngaphakathi emaphoyiseni ngoba njalo uma eboshiwe, bekuhamba isikhathi adedelwe. Kulesi sigameko agwetshelwe sona amaphoyisa athole ngomthombo ngezinkomo ezimbili kulezi ebezebiwe.

“Kuthe uma zitholakala, kwavela ukuthi nguyena ozidayisile, zabe sezimkhalela. Kuthe eseboshiwe, wathola ibheyili ngaphansi kombandela wokuthi asayine esiteshini samaphoyisa angakubo. Ugcine ewephula lowo mbandela, waboshwa, kwaze kwaba uyagwetshwa ngoLwesine. Kusijabulise kakhulu ukuthi ekugcineni useboshiwe.”

Elinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe yize isigwebo esitholile, siwuswazi oluncane kodwa umphakathi ujabule kakhulu.

“Siyazi ukuthi omunye umuntu iminyaka emithathu angathi mincane, kodwa thina sijabule ngoba sikholwa wukuthi uMadide uzofunda isifundo ngezenzo zakhe zokuhlukumeza umphakathi ngokuwebela imfuyo,” esho.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba likuqinisekisile ukugwetshwa kukaMadide. Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeNational Prosecuting Authority (NPA) ayiphumelelanga, kwaze kaashaya isikhathi sokushicilela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...