Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Injabulo kugwetshwa isela lezinkomo ebelihlalise kabi umphakathi

Injabulo kugwetshwa isela lezinkomo ebelihlalise kabi umphakathi

by | 26 November 2025

KUBE yinjabulo yodwa emphakathini waKwaCeza namaphethelo kugwetshwa isela lezinkomo ebeliwuhlalise kabi kusukela ngo-2014.

INkantolo yesiFunda eMahlabathini, igwebe uJetro “Mabhoza” Madide iminyaka ewu-3 nezinyanga eziwu-6 ebhadla ejele ngecala lokweba izinkomo ezinhlanu okubalwa nezakwamakhelwane wakhe. Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngoMbasa (April) kuwona lo nyaka lapho kwebiwa khona izinkomo ezinhlanu zemizi eyahlukene.

Kuthiwa lezi zinkomo zatholakala sezidayisiwe, uphenyo lwamaphoyisa lawaholela kuMadide. Kuthiwa phakathi kwezinto abanjwe ngazo, yimininingwane yasebhange njengoba wayesekhokhelwe ngazo lezi nkomo ayezebile.

ILANGA lithole ukuthi uMadide ubewuhlalise kabi umphakathi njengoba ubeseboshwe izikhawu eziningi ngokweba imfuyo, kodwa abuye adedelwe. Umthombo weLANGA uthe: “UMadide ubesenesikhathi ehlupha umphakathi wangapha ngakithi neminye, ubebuye aphume eyozeba ngaphandle izinkomo. Ubefike aboshwe, ahlale isikhashana ejele, uthi uyabona usededeliwe.

“Lokhu bekuwuphatha kabi umphakathi ngoba bekwaziwa ukuthi uyisela. Siyasola ukuthi kukhona abezwana nabo ngaphakathi emaphoyiseni ngoba njalo uma eboshiwe, bekuhamba isikhathi adedelwe. Kulesi sigameko agwetshelwe sona amaphoyisa athole ngomthombo ngezinkomo ezimbili kulezi ebezebiwe.

“Kuthe uma zitholakala, kwavela ukuthi nguyena ozidayisile, zabe sezimkhalela. Kuthe eseboshiwe, wathola ibheyili ngaphansi kombandela wokuthi asayine esiteshini samaphoyisa angakubo. Ugcine ewephula lowo mbandela, waboshwa, kwaze kwaba uyagwetshwa ngoLwesine. Kusijabulise kakhulu ukuthi ekugcineni useboshiwe.”

Elinye ilungu lomphakathi elicele ukungadalulwa lithe yize isigwebo esitholile, siwuswazi oluncane kodwa umphakathi ujabule kakhulu.

“Siyazi ukuthi omunye umuntu iminyaka emithathu angathi mincane, kodwa thina sijabule ngoba sikholwa wukuthi uMadide uzofunda isifundo ngezenzo zakhe zokuhlukumeza umphakathi ngokuwebela imfuyo,” esho.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba likuqinisekisile ukugwetshwa kukaMadide. Imizamo yokuthola ukuphawula kwabeNational Prosecuting Authority (NPA) ayiphumelelanga, kwaze kaashaya isikhathi sokushicilela.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...