Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

by | 10 February 2025

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto.

UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela eyehlukile kweyepolitiki.

Uthe ubengakaze acabange ukushiya kwipolitiki yamaqembu kuze kube manje kodwa ubona sekuyisikhathi sokusebenzisa ithalente ngenye indlela manje.

Uthe okumqoka wukuhluza izingqondo zabantu nokubakhulula emakentangweni obugqila bezinsuku esezadlula. Ubonge i-EFF ngethuba alitholile ngokulimela ezinhlakeni ezahlukene nasePhalamende likazwelonke.

Echaza ngokwenzekile ngaphambi ngokuba athathe lesi sinqumo uthe wamiswa kuleli qembu ngezinsolo ezishaqisayo zokuthi ubesenzisana neqembu iMK Party ngenhloso yokuqumba phansi i-EFF nokuthi akabutshelanga ubuholi baleli qembu ngokushiya kukaMnu Floyd Shivambu.

Ukuchithile ukusebenzisana neMK Party futhi wakubeka kwacaca ukuthi akukaze kumfikele ukujoyina leli qembu futhi namanje akazimisele ukulijoyina.

Mayelana nodaba oluthinta uShivambu uvumile ukuthi nebala lo mholi wamazisa ngesinqumo sakhe sokushiya i-EFF eyojoyina iMK Party.

Mayelana nalokhu uthe kwakungekho kuyena ukuthi kube nguye owazisa ubuholi lezi zindaba ngoba kwakuwudaba lukaShivambu ngakho kwakuwumsebenzi wakhe ukutshela ubuholi ngesinqumo sakhe.

Uthe ukube kwaba nguyena owazisa ubuholi ngalesi sinqumo kwakuzothatheka njengomuntu ohlebayo noma ohambela abanye ngemuva.

Kuzokhumbuleka ukuthi kubikwe kaningana ngokunyamalala kukaNdlozi emcimbini eyahlukene ye-EFF waze wangabonakala nangesikhathi leli qembu libambe ingqungquthela yayo ebalulekile iNational Peoples Assembly.

Kuzona zonke lezi zikhathi i-EFF ibingafuni ukuphumela obala ngalo mholi njengoba ibilokhu ingena ezintangeni kanti noKhomanda waleli qembu uMnu Julius Malema kwesinye sezithangami sabezindaba waze wabhoka ngolaka engasafuni ukubuzwa ngoNdlozi wakubeka kwacaca ukuthi i-EFF ayikho ngoNdlozi njengoba inamalungu amaningi.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...