Ilanga News
Home 9 Featured 9 Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

Iseyinzukayikeyi eyombango wobukhosi baKwaZulu KwaNodunga

by | 13 February 2026


KUGQAME inzo-ndo emalungwini omndeni wa-sebukhosini ba-kwaZulu, Kwa-Nodunga, eMvoti, njengoba ebeseNka-ntolo eNkulu, eMgungundlovu, ngoLwesibili, ephelezele amadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, abanga isihlalo.
INkosi uNkanyiso kaQedisono Zulu (28), yiyona eyanikwa isitifi-keti sobukhosi ngo-2021, yaqala yenza imisebenzi yesizwe, njengoba isaqhubeka nayo namanje.


Emaphepheni asenkantolo, uMntwana uMlungisi kaQedisono Zulu (45), umangalele uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ufuna kuguqulwe isinqumo sokubeka umfowabo omncane, iNkosi uNkanyiso, esihlalweni.
Akuphelanga ngisho imizuzu ewu-30, inkantolo yaguqa, kwathiwa icala lizoqala ukuthethwa ngo-mhla ka-21 kuMbasa (April), kuwona lo nyaka.


Isimo siphinde sashuba seku-phunyiwe enkantolo, njengoba abeseka iNkosi okukhona izinduna zesizwe noNdunankulu wesi-zwe, uMnu Clement Mhlaba, nabeseka uMntwana uMlungisi bame ngokuhlukana, kunezinkulumo ezishubile, bebhekene ngeziqu zamehlo.
Kwabeseka uMntwana uMlungisi, kukhona amalungu omndeni amadala asebukhosini, noMntwana Mphamandla Zulu, obeyiba-mbabukhosi.


INkosi uNkanyiso, ayithandanga ukukhuluma neLANGA, ithe aku-khulunywe noNdunankulu uMhlaba, nabaNtwana abebezoyeseka.
UMhlaba, uthe akuwona wodwa umbango wesihlalo lona, kodwa kunamashoshozela afuna ukuzuza emalini yamapulazi asesizweni saKwaNodunga.
“Kunabantu abazibiza ngeCo-mmunal Property Association (CPA), okuyibona abaphehla lo mbango wesi-hlalo, saKwa-Nodunga.


“Inkosi eyakhotha-ma, iNkosi uQedisono Zulu, yabhala incwadi, yatshela namalu-ngu
omndeni ukuthi uma idlula emhlabeni, esihlalweni sayo kuyohlala uMntwana uNkanyiso, okunguyena inkosi njangamanje.
“UMntwana uBongumusa wasebukhosini, nangu phambi kwami nguyena owanikwa yinkosi eseya-khothama incwadi, eqoka uMntwana uNkanyiso, enye yanikwa ummeli, ngeshwa osewadllula emhlabeni.
“INkosi idlule emhlabeni, ibi-ngasafuni nakumbona uMntwana uMlungisi, njengoba esehlohlwa kuthiwa akabange ubukhosi. Wuhulumeni wesifundazwe, owa-nika iNkosi uNkanyiso, isitifiketi, futhi iyakuholela ukuba ngumholi wesizwe saKwaNodunga.
“Laba bantu abazibiza ngeCPA, bafuna ukuhlomula emalini yama-pulazi esizwe saKwaNodunga,” kuchaza uNdunankulu uMhlaba.
ILANGA lithole ukuthi womabili lamadodana abanga isihlalo, inkosi eseyakhothama, yayiwathole ezintombini, abayigananga onina.
UMntwana wesizwe saKwaNodunga, uMntwana uThabani Zulu, uthi isihlalo ngesikaMntwana uMlungisi, ngoba nguyena omdala. Ukhale ngomunye wabozalo lwe-nkosi, athi uqhatha umndeni, ngoba “uyishaya emuva, ayishaye phambili”.
“Kuningi okufanele kulungiswe emndenini. Kufanele kugezwe isihlalo ngoba kukhona amalungu omndeni wasebukhosini afa nge-nkemba, kodwa ngeke sakwazi ukwenza lokho, kusenemidonsi-swano.
Le ncwadi eyalethwa yilaba abaseka lona ozibiza ngenkosi, kwakungeyomgunyathi nenkantolo yakuthola lokho. Siyacela ukuthi udaba lwesihlalo saKwaNodunga, lushiyelwe emndenini,” kuchaza uMntwana uThabani.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...