Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-EFF ifuna ligcwale umoya ibhantshi kuGodongwana

I-EFF ifuna ligcwale umoya ibhantshi kuGodongwana

by | 24 April 2025

I-EFF ifuna ibhantshi ligcwale umoya kuNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana noMqondisi-Jikelele eHhovisi likaMgcinimafa uMnu Duncan Pieterse kulandela ukuhoxiswa kwesinqumo sokwenyusa intela yokuthenga iVAT ngo-0.5%.

I-VAT ibizokwenyuka isuka ku-15% iye ku-15.5% kusukela ngomhla ka-1 kuNhlaba (May), kanti kuthiwa ukwenyuswa kwayo kuhoxisiwe ngemuva kokuxoxisana kwamaqembu ayingxenye yePhalamende.

“Le nsambatheka ethinta ibhajethi ikhombisa ngokusobala ukuthi ungqongqoshe nomqondisi-jikelele ziyabaxega izicathulo abazigqokile. Lokhu kubeka engcupheni uzinzo lwezomnotho ezweni, nempilo yezakhamizi zaseNingizimu Afrika,” kusho uMnu Sinawo Thambo okhulumela i-EFF.

Uthe iqembu lakhe liyakwemukela ukwenyuswa kweVAT, futhi lifuna ichithwe imigomo yokusebenza kwemali (fiscal framework) ephasiswe yiPhalamende emasontweni edlule.

Ukwenyuswa kweVAT bekuphikiswa ngamaqembu ahlukene epolitiki njengoba iDA ne-EFF benikele enkantolo, kwathi amanye amaqembu okubalwa kuwona i-Action SA, iBuild One SA ne-IFP axoxisana ne-ANC ukuthola ezinye izindlela zokuqoqa imali edingekayo ngaphandle kokwandisa umthwalo emahlombe abathengi.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...