Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-EFF ifuna ligcwale umoya ibhantshi kuGodongwana

I-EFF ifuna ligcwale umoya ibhantshi kuGodongwana

by | 24 April 2025

I-EFF ifuna ibhantshi ligcwale umoya kuNgqongqoshe wezeMali uMnu Enoch Godongwana noMqondisi-Jikelele eHhovisi likaMgcinimafa uMnu Duncan Pieterse kulandela ukuhoxiswa kwesinqumo sokwenyusa intela yokuthenga iVAT ngo-0.5%.

I-VAT ibizokwenyuka isuka ku-15% iye ku-15.5% kusukela ngomhla ka-1 kuNhlaba (May), kanti kuthiwa ukwenyuswa kwayo kuhoxisiwe ngemuva kokuxoxisana kwamaqembu ayingxenye yePhalamende.

“Le nsambatheka ethinta ibhajethi ikhombisa ngokusobala ukuthi ungqongqoshe nomqondisi-jikelele ziyabaxega izicathulo abazigqokile. Lokhu kubeka engcupheni uzinzo lwezomnotho ezweni, nempilo yezakhamizi zaseNingizimu Afrika,” kusho uMnu Sinawo Thambo okhulumela i-EFF.

Uthe iqembu lakhe liyakwemukela ukwenyuswa kweVAT, futhi lifuna ichithwe imigomo yokusebenza kwemali (fiscal framework) ephasiswe yiPhalamende emasontweni edlule.

Ukwenyuswa kweVAT bekuphikiswa ngamaqembu ahlukene epolitiki njengoba iDA ne-EFF benikele enkantolo, kwathi amanye amaqembu okubalwa kuwona i-Action SA, iBuild One SA ne-IFP axoxisana ne-ANC ukuthola ezinye izindlela zokuqoqa imali edingekayo ngaphandle kokwandisa umthwalo emahlombe abathengi.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...