
BAHLANGANE baba yimbumba abaholi bezombusazwe bayohlola izimo zokufunda nokufundisa ezikoleni zaseMkhanyakude.
UNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa onguNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal ngethikithi le-IFP uhlangane noMnu Sphile Mdaka oyiMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, obuye abe ngusihlalo we-ANC esifundeni iNokuhamba Nyawo (uMkhanyakude), nabanye abaholi bemikhakha eyahlukene, baphume umkhankaso wokubheka izikole zaseHluhluwe.Â
Laba baholi bebehambisana neziphathimandla zoMnyango wezeMfundo eMkhanyakude ebeziholwa nguMnu Joseph ‘Mjozi’ Motha ongumqondisi walo mnyango kulesiya sifunda.
Baqale ngokuvakashela eCwakeme Secondary School, badlulela eSiphosabadletshe High. Bonke bazwakalise ukugculiseka ngegiya okuqalwe ngalo unyaka wokufunda kulezi zikole.

Izikhulu zaseMkhanyakude ziphusha izifuba phambili uma ziyobheka izikole njengoba lesi sifunda silale isithathu kuzwelonke ngokwemiphumela yabafundi abebenza umatikuletsheni nyakenye. Yisona lesi sifundazwe esiziqwaqwade emakhanda zonke KwaZulu-Natal.
Umkhankaso walaba baholi kulindelwe ukuba uqhubeke nanamuhla ngoLwesihlanu kanti kubhekwe ukuba bahambele nabanye omasipala. Isifunda uMkhanyakude singunina womasipala abane – okungowaseMtubatuba, iJozini, iBig 5 (KwaHlabisa) nowaKwaMhlabuyalingana.









