Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo sinxusa amabutho ukuvikela umbuso waKwaZulu

ISilo sinxusa amabutho ukuvikela umbuso waKwaZulu

by | 17 January 2025

ISilo uMisuzulu sinxusa amabutho ukuba ahlangane, avikele umbuso wakwaZulu.

Ngokombiko weTimes Live, iSilo sikusho lokhu ngesikhathi sethula inkulumo ngosuku lokugcina loMkhosi Woselwa esigodlweni saseMashobeni, KwaNongoma, izolo ngoLwesine ebusuku. Sibonge amabutho ngokwethembeka kwawo eNdlunkulu.

“Namuhla akulona usuku lwezinkulumo ezinde, kodwa ngiyaninxusa kuba nihlangane, nivikele isihlalo sobukhosi. Ngifisa nokunibonga ngokwenza isiqiniseko sokuthi lo mcimbi uba yimpumelelo,” kusho iNgonyama.

INgonyama ithe uMkhosi Woselwa ubukhuza buya ngemuva kokumiswa ngesikhathi kusabusa uyise iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, osakhothama. Uthe ukhethe ukuwenzela eMashobeni, okuyisigodlo seSilo uShaka kaSenzangakhona, esisanda kuvuselelwa.

“Lesi kwakuyisigodlo seLembe, elingumbumbi wesizwe samaZulu, owahlanganisa izizwe eziningi zaba yisizwe esihlonishwa umhlaba wonke.”

Ngamabutho ehola abafana eMkhosini Woselwa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...