Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo sinxusa amabutho ukuvikela umbuso waKwaZulu

ISilo sinxusa amabutho ukuvikela umbuso waKwaZulu

by | 17 January 2025

ISilo uMisuzulu sinxusa amabutho ukuba ahlangane, avikele umbuso wakwaZulu.

Ngokombiko weTimes Live, iSilo sikusho lokhu ngesikhathi sethula inkulumo ngosuku lokugcina loMkhosi Woselwa esigodlweni saseMashobeni, KwaNongoma, izolo ngoLwesine ebusuku. Sibonge amabutho ngokwethembeka kwawo eNdlunkulu.

“Namuhla akulona usuku lwezinkulumo ezinde, kodwa ngiyaninxusa kuba nihlangane, nivikele isihlalo sobukhosi. Ngifisa nokunibonga ngokwenza isiqiniseko sokuthi lo mcimbi uba yimpumelelo,” kusho iNgonyama.

INgonyama ithe uMkhosi Woselwa ubukhuza buya ngemuva kokumiswa ngesikhathi kusabusa uyise iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, osakhothama. Uthe ukhethe ukuwenzela eMashobeni, okuyisigodlo seSilo uShaka kaSenzangakhona, esisanda kuvuselelwa.

“Lesi kwakuyisigodlo seLembe, elingumbumbi wesizwe samaZulu, owahlanganisa izizwe eziningi zaba yisizwe esihlonishwa umhlaba wonke.”

Ngamabutho ehola abafana eMkhosini Woselwa.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...