Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Bakhala ngokuxhashazwa wuDJ wodumo ongabakhokheli

Bakhala ngokuxhashazwa wuDJ wodumo ongabakhokheli

by | 2 March 2025

NGU-DJ TNS wodumo lwengoma ethi “Banomoya” ayepike kuyona uPrince Kaybee noBusiswa.

UTHI akasahlali kubo ngoba esabela impilo yakhe uphromotha wemicimbi osola uDJ TNS ngokumqashisa abantu emcimbini wakhe, maqede angabakhokheli.

ULuyanda “Shugetta” Bhodoza uthi wacelwa yilo mculi wodumo lwengoma ethi “Banomoya” ukuthi amfunele abantu abayishumi, ababezosebenza emcimbini wakhe, iLembe Cultural Music Festival, owawuKwaDukuza ngoZibandlela (December) nyakenye.

UShugetta uthi akasahlali kubo, ngenxa yokuthi abantu abaqasha, bebefika kubo beyofuna imali yabo ngehheshe.

“Wayethe mangifune amantombazane azokhangisa umcimbi nabantu abazosebenza ngosuku lwawo. Okubuhlungu manje wukuthi sengishiye ngisho ikhaya njengoba abantu bebefika ekhaya, bezofuna imali yabo. Ngiyakuqonda ukudinwa kwabo ngoba abanye babo baboleka imali beya kosebenza kulo mcimbi,” esho.

Uthe usemthathele ngisho izinyathelo zomthetho uTNS, ukuba abakhokhele.

“Inkantolo sikhiphe amasamanisi, kanti abameli bethu sebemnikile uTNS,” esho.


ILANGA lizamile ukuxhumana noTNS, kodwa wangalubamba ucingo, kanti nemiyalezo athunyelelwe yona akayiphendulanga. Emibhalweni yakhe enkundleni yokuxhumana iFacebook, uTNS uveze ukuthi kunemali ayilindele, “evela” kuMasipala wesiFunda iLembe.

Omunye wababephethe uhlelo kulo mcimbi uthe naye akakaze athole ngisho indibilishi. Uthe wahlangana naye kweminye yemicimbi, wathi uma ebuza ngenkokhelo yakhe, uTNS wamchapha ngenhlamba.

Omunye uthe wagcina ngokuthola imali kaphethiloli ngosuku lomcimbi, nayo ayithola ngoba eseyifuna ngodli.

“Bagcina bethe mangithumele ama-invoice. Kuze kube manje kusathulekile. Baningi nabanye engibaziyo abangaholile,” esho.

Lo mcimbi, okwakungenwa mahhala kuwona, owawuhanjelwe yingcosana yabantu, waqale wahlangabezana nezinkinga njengoba waze wahlehliswa. Nangosuku lwawo waqala sekwedlule isikhathi ngenxa yokungatholakali kwesteji ngesikhathi.
Wawufolose ngenqwaba yabaculi nabaphathi bezinhlelo abadumile, iningi labo elagcina lingafikanga.

UTNS uke waba sematheni esafika emculweni, ekhala ngokuthi uDJ Prince Kaybee, ababedidiyele naye ingoma ethi “Banomoya” wayemxhopha emalini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...