Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Udinwe wukulanyulwa owesilisa obulale uyise ngesagila’

‘Udinwe wukulanyulwa owesilisa obulale uyise ngesagila’

by | 22 April 2026

KUBIKWA ukuthi udinwe wukulanyulwa owesilisa (25), osolwa ngokubulala uyise ngesagila ngemuva kokuba engenelele, walamula ingxabano ebiphakathi kwakhe nodadewabo abahlala naye kubo.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu John Mathabela (67), waKwaJikaza, oLundi, ushaywe wabulawa yindodana yakhe (eligodliwe igama layo njengoba ibingakaveli enkantolo), ngoba ingahambisani nesenzo sakhe sokulamula ingxabano ebiphakathi kwayo nendodazi yakhe. Kuthiwa umsolwa ube esengena endlini, waphuma nesagila, washaya ngaso uyise ogcine eshonele endleleni eya esibhedlela.

ILANGA likhulume noMnu Muzi Mathabela, oyilungu lomndeni, othe basashaqekile yisenzo esenziwe yindodana yabo kuyise oyizalayo. Uchaze umsolwa njengomuntu obuye abe nokuphazamiseka ngokomqondo, athi lokhu ubona kunomthelela ekutheni abe nodlame, ngoba ukujwayele ukuphakamisela abazali bakhe isandla.

“Kwenzeka lokhu nje, laba bebevele bengahlalisene kahle, bese beke babophisana nasezinkantolo ngenxa yokungaziphathi kahle kwendodana. Kuthiwa indodana ibihlale imthuka uyise, okwadala ukuba ayifakele isivimbelo senkantolo, kodwa wagcina ngokulesula icala.

“Nje- ngamanje ungaphansi kwesandla samaphoyisa. Kwenzeka lokhu nje, bezivele zikhona izimpawu ezikhombisa ukuthi ukuziphatha kwakhe kungagcina kudale umonakalo, njengoba sekwenzekile,” esho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, usiqinisekisile isigameko.

“Amaphoyisa aseMahlabathini abophe umsolwa obulale uyise, emuva kokuba kade emkhuza, eshaya udadewabo. Ubaba ushayeke endaweni ebucayi, wadluliselwa esibhedlela, waphelela khona,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...