Ilanga News
Home 9 Featured 9 Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

Isexwayiso kwabaka-matric ngombombayi bamaphepha

by | 6 November 2025

UHLABA ikhwelo umnyango wezeMfundo KwaZulu, wexwayisa abafundi bakamatikuletsheni, ngokusabalala kombombayi bamaphepha asuke engakabhalwa, ezivivinyo zokuphela konyaka.

Umnyango uthi abafundi ababhalayo kumele baqikelele ukuthi bayaziqhelelanisa nezinkundla zokuxhumana, njengoba kuyisikhathi sokubhala. Okhulumela lo mnyango, uMnu Muzi Mahlambi, uthi kuyenzeka kubonakale amaphepha ezivivinyo okungesiwona azobhalwa, bese abafundi begxila kuwona, benze imizamo ‘yokuhlinza imbuzi’.

“Umatikuletsheni siyawukhuza, mawuziqhelelanise nezinkundla zokuxhumana ngalesi sikhathi ngoba kuningi okusabalala kuzona, okungesilona iqiniso. Uma sekukhona iphepha okuthiwa lizobhalwa elisabalele ezinkundleni, abantwana bagxila kulona, kanti ngamaqubu entenesha,” esho.

Uthi abafundi bayanxuswa ukuthi njengoba kubhalwa, bafike kusasele okungenani ihora ukuba liqale iphepha. Uthi kubalulekile ukuba abafundi balandele imiyalelo uma kubhalwa izivivinyo.

“Omakhalekhukhwini, nanoma ngabe yini esetshenziselwa izinhlaka zokuxhumana, kayivumelekile njengamanje. Umntwana makabhekisise isikhwama sakhe, nasemaphaketheni ukuze aqinisekise ukuthi kakukho okungemukelekile kuyena endaweni yokubhalela,” kusho uMahlambi.

Utshele ILANGA ukuthi abafundi noma ngabe batshelwa izimpendulo zemibuzo yamaphepha, kumele bangavumi ukukotsheliswa ngoba bazobanjwa uma sekumakwa amaphepha abo, bese ingaphumi imiphumela yabo mhla ka-13 kuMasingana (January) ngonyaka ozayo.

KwaZulu-Natal bawu-195 899 abafundi ababhala u-matric kulo nyaka. Abawu-179 751
babhala ngokugcwele (full-time), bese kuthi abawu-16 148 babhalisele ukubhala ngezikhathi ezithile (part-time). Lokhu kusho ukuthi isibalo sabafundi ababhalayo, senyuke ngo-3% uma siqhathaniswa nesangonyaka odlule, lapho okubhale khona abafundi abawu-190 452.

Abagada izivivinyo bawu-6 450, izikhungo okubhalelwa kuzona ziwu-1 705 ezikahulumeni, ezizimele ziwu-61. Uma sekuphothuliwe ukubhalwa kwamaphepha, azomakwa ngothisha abawu-7 889. Ukumaka kuzoqalwa ngomhla ka-2, kuvalwe ngomhla ka-12 kuZibandlela (December), ezikhungweni eziwu-32.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...