
UMA sibahasha abakwaNtombela, siyaye sithi, Ntombela!
Mahlobo! Mpangazitha! Nina enipheka ngembiza ende!
Sidindi somtshiki! Nina bakwaDambuza! Nina bakwaLukhwazi!
Dlukula! Sishosho sikaPhunga noMageba!
ABANTU bakwaNtombela baphuma kuNtombela (igama lomuntu), owayengumnewabo kaMalandela. UMalandela noNtombela babezalwa nguLuzumane kaMnguni. Amanye amadodana kaLuzumane, kwakunguMcineka, uMchunu, uKhanyile noMahaye. UMalandela, uqale wakha umuzi wakhe wasoDwini, phezu kwegquma iMandawe, eMlalazi, ngaseShowe.
UMalandela uthuthile lapho, wabheka eBabanango, ehamba naye umnawakhe uNtombela, ngoba uze wakhothamela khona. Esekhotheme uMalandela, uNtombela ukhulise izingane zakhe, uQwabe noZulu beNdlovukazi uNozidiya, uMaZungu, ngoba babesebancane.
UZALO LUKANTOMBELA
UNtombela wayenamadodana amaningi esingabala kuwona uMdlani, uMpangazitha, uMahlobo noNtanzi. UMdlani uzale uDlomo, ozale uDlukula, yena wazala uZwana, uSobadli noThayiza. UZwana uzale uZiningo, uLukhwazi, uMagedla noMninza. UZiningo uzale uFaku, owagcina akhe umuzi wakwaGezakahle, eNkandla.
Ngesikhathi uMbuso wamaNgisi uklaya izwe laKwaZulu, iziqephu eziwu-13, ngomhla ka-1 kuMandulo (September) ngo-1879, uFaku waba ngenye yamakhosi asikelwa izwe. INkosi uFaku iphile kwaze kwaba yisikhathi seSilo uDinuzulukacetshwayo.
ULUKHWAZI USIKELWA IZWE LAKWANOBAMBA
ULukhwazi kaZwana, wayakhe eDumbe. Uphile ngesikhathi seSilo uMpande. ULukhwazi wayesuka eDumbe ngezinyawo, ayokotha iSilo uMpande, esigodlweni KwaNodwengu, eMahlabathini.
ISilo sabona ukuthi yindoda eqotho lena, futhi ebuthandayo ubukhosi baKwaZulu, sagcina sesithi uLukhwazi makakhe ngaseMakhosini, endaweni yaKwaNobamba. Indodana kaLukhwazi, uNdabankulu, yabekwa yaba yinduna, yona iphile kwaze kwaba yisikhathi seSilo uSolomon (uMqwalajuba), kaDinuzulu. Induna uNdabankulu kaLukhwazi, yayingomunye wabeluleki beSilo uSolomon, noMntwana waseNjikini, uSomcuba kaMqundane Zulu, noMntwana waKwaMinyamanzi, uMnyayiza kaNdabuko Zulu.
INDUNA UNZOBO KASOBADLI NTOMBELA
Induna uNzobo, yayibuye ibizwe ngegama likaDambuza. Yayingumdidiyeli wamabutho ngesikhathi kubusa iSilo saseMgungundlovu, iNkosi uDingane kaSenzangakhona. Nguyena uNzobo kaSobadli Ntombela owayehola amabutho eMpini yaseNcome, kuliwa namaBhunu, ngomhla ka-16 kuZibandlela (December) ngo-1838.
UNzobo wabulawa ngamaBhunu isiphelile iMpi yaseNcome. Indodana yakhe uMngamule kaNzobo, yayingesinye sezethenjwa zeSilo uCetshwayo. UMngamule kaNzobo wasikelwa izwe lasoThinsangu, KwaDabhazi, kwaNongoma. Induna uNkowane Ntombela (UMthilathila weziChwe), wayengumdidiyeli wamabutho kaZulu. Uzalo lwenduna uMngamule kaNzobo, lusekhona KwaDabhazi. Ubukhosi bakwaNtombela, KwaNobamba, bendlu kaLukhwazi, njengamanje buphethwe yiNkosi uVukani kaMhlabunzima Ntombela, esigodlweni KwaGobamagagu.
IMITHOMBO ESETSHENZISIWE
– Incwadi kaThamsanqa Sithole ethi, “Izithakazelo nezibongo zaKwaZulu”.
– Incwadi kaNicholas Cope, ethi, “To Bind the Nation: King Solomon and Zulu Nationalism”.
– Incwadi ka-AT Bryant “Olden Times in Natal and Zululand”.
Abangathanda ukuphawula ngezinto ezithinta umlando noma abafisa sishicilela imilando yezibongo zabo bangasebenzisa i-email ethi: menzi.jele@ilanganews.co.za noma ethi editor@ilanganews.co.za







