Ilanga News
Home 9 Featured 9 AbakwaZondi “baxoshwa” yinzondo kwaDlamini

AbakwaZondi “baxoshwa” yinzondo kwaDlamini

by | 15 November 2024

IFAGUGU LESIZWE: MENZI JELE

IMVELAPHI nendabuko yabantu bakwaZondi – abathakazelwa ngokuthi Nondaba, Gagashe, Tetemane – ikwaDlamini. Njengoba bedabuka kwaDlamini, nje basesigabeni sabaNguni ba-seMbo. ULusibalukhulu wazala uDlamini I, beseseSwazini. UDlamini I wazala uNhlalintshiseko  owaxabana nodadewabo, waba nenzondo engakaze ibonakale. 

INKOSI uBhambatha kaMancinza.

Kwala noma umndeni usubahlaganisa, ufuna baxolelane, kodwa lutho uNhlalintshiseko ukuvuma ukuxola. Ngenxa yokungaxoli kwakhe, abomdeni basebethi usenguZondi, futhi nozalo lwakhe  sekuyoba ngolwakwaZondi. 

UKUCHUMA KWESIBONGO SAKWAZONDI

UNhlalintshiseko (esenguZondi), wazala uGagashe, owazala uTetemane, owazala uLuqa, uMngaki noNondaba. Ekufikeni kwabakwaZondi kwelikaMthaniya, babakhe eNkandla nabantu bakwaNxamalala. Bathutha eNka-ndla bayokwakha ngasemfuleni iNadi, ngaseMdlovana. Lokho kwenza bagcine sebebizwa ngokuthi ngabaseNadi.

NGUXOLI Zondi ongumlingisi.

AbakwaZondi bahlaselwa ngamabutho eSilo uShaka, efuna ukuyodla izinkomo zabo. Ngaleso sikhathi babebuswa nguNomagaga kaNsele. Babaleka bayocasha ehlathini, babuye baphuma yize izinkomo zabo zasezithathwe ngamabutho kaShaka. Ekukhothameni kukaNomagaga, abakwaZondi bahlukana phakathi, abanye bahamba kodwa laba ababeholwa nguDlaba (hhayi owakwaShezi) kaNomagaga, basala eNadi. Abanye baphindela eNkandla.

ABAKWAZONDI BAFUDUKELA EMSUNDUZE

Indlu encane yakwaZondi – eyayiholwa nguMpumuza – yafuduka yayokwakha ngaseMfuleni uMsunduze, isuka eNadi. Le ndlu isekhona eMsunduze (eMgungundlovu), sekuphethe iNkosi uKhethokuhle kaNsikayezwe Zondi njengamanje. 

NGUMFU Musa Zondi ongungqongqoshe wezokuthuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal ngethikithi le-IFP.

UTetelegu kaNobandla, nguyena owayehola lendlu kaMpumuza. Kulaba abasala eNadi, uDlaba umholi wabo, waxabana namaBhunu, amdingisela eSayidi (ePort Shepstone). Wakhothamela khona eSayidi, isizwe sa-holwa nguDibinyeka kaDlaba. Abanye oZondi bahamba bayokwakha eNgome, ngaseMdlovana, abanye bayokwakha ePho-lela, eNkandla. 

IZINDLU ZAKWAZONDI NJENGAMANJE (UKWELAMANA KWAZO)

Izindlu zobukhosi bakwaZondi ziwu-5 KwaZulu-Natal. Enkulu iNadi (eseMgungu-ndlovu) yelanywe ngeyaseNgome (eMdlovana), kube ngeyaKwaMpumuza (eMgungundlovu), eyaseNkandla (Fort Louis) neyaseCentocow.

INDLU YASENADI, (EKANSELE)

UNsele wazala uNomagagu, owazala uDlaba, owazala uMzima, owazala uMagqubu (owayebuye aziwe ngelikaMhlola), owazala uDlokwakhe, kube nguShayabantu (owaba yibambabukhosi), kube yiNkosi uSondelani eseyakhothama.

INDLU YESENGOME (EMDLOVANA)

NGU-EDDIE Zondi ongasekho, owayengumsakazi weMetro FM.

UNondaba wazala uNomashumi, owazala uSondaba, owazala uJangeni, yena wazala uMancinza, owazala uBhambatha, owazala uBulawayo, yena wazala iNkosi uKhulekani ezala iNkosi uMbongeleni eseyakhothama.

INDLU YAKWAMPUMUZA

NGUMCULI kamaskandi uSenzo “Ntecane” Zondi.

UTeteman wazala uMugqa, yena wazala uSobangwa, owazala uMakhwatha, owazala uMpumuza, owazala uNgwane noNtshiza. UNgwane wazala uNobandla noXesibe. UNobandla wazala uTelegu, owazala uLaduma noBhevu. ULaduma wazala uBhekizizwe, owazala iNkosi uNsikayezwe ezala iNkosi uKhethokuhle Zondi ebusayo njengamanje. 

INDLU KANONGAMLANA ENKANDLA NASENQUTHU

NGUNTANDO Zondi ongumlingisi.

Le ndlu iseFort Louis, eNkandla, ize ikapakele eNquthu. UMmangasi wazala uMjongisi, owazala uNomaqele, owazala uNoyeke, owazala uNongamlana, owazala uTatiyase, owazala uSidumuka, owazala uNondumo, owazala uVelaphi ozala iNkosi uZitha.

INDLU YASE-CENTOCOW, AMAKHOSI AKWAZONDI AYEKHETHWA (IZIPHAKANYISWA)

IZIHLABANI NAMAQHAWE AKWAZONDI

* Iqhawe eladuma kakhulu kwaZondi, yiNkosi uBhambatha kaMancinza, eyahlomisa iMpi yaMakhanda ngo-1906;

* UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu uMusa  Zondi, ozalwa ePholela, eNkandla;

* U-Eddie Zondi (ongasekho), owayengumskazi weMetro FM, owazalelwa eSoweto, eGauteng; 

*UMculi kamaskandi uSenzo “Ntencane” Zondi, ngowaseMdlovana (eGreytown);

*Abalingisi uNtando noXoli Zondi;

*NeNkosi uNsikayezwe Zondi yaKwaMpumuza, isaphila, yize isidedele izintambo zokuphatha endodaneni yayo. Ingenye yamakhosi aphathe isikhathi eside. 

ULWAZI SILUTHOLE:

• ENQOLOBANENI kaMnu 

uMbuswa “Jerry” Zuma.

menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...