Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bazochithwa ukubhalisa izitolo abangenazo izimvume zokuba kuleli 

Bazochithwa ukubhalisa izitolo abangenazo izimvume zokuba kuleli 

by | 21 November 2024

BHEKI NDLOVANA 

UHLELO lokubhaliswa kwamabhizinisi ahweba emalokishini nasemakhaya, okubalwa kuwona nama-spaza shop, kuthiwa kaluqondene nomasipala kuphela, kodwa lubandakanya neminyango kahulumeni. 

UMnyango wezaseKhaya kubikwa ukuthi yiwona omqoka kakhulu kulolu hlelo ngoba yiwona ozokwazi ukuqinisekisa ukuthi umuntu obhalisayo nguyena ngempela yini, nokuthi ungumhlali waseNingizimu Afrika osemthethweni. 

NgoLwesine esithangamini sabezindaba, uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane, uNkk Stella Ndabeni-Abrahams uthe abantu abanazo zonke izimfanelo ezidingekayo, bazozithola izimvume zokuhweba. Uqhube wathi abangenayo imininingwane edingekayo, bazochithwa. 

Uthe akaqondi ukuthi kungani abanye abanezitolo sebekhononda ngokuthi zincane izinsuku eziwu-21 abanqunyelwe ukuba babhalise zingakapheli. 

“Wusuku lwesine namhlanje kusukela uMengameli (uMnu Cyril Ramaphosa) ememezele izinsuku eziwu-21 (okufanele kubhaliswe ngazo), kodwa abantu sebecela ukwelulelwa isikhathi. Angazi noma yingoba bakholwa wukuthi kabanawo amaphepha afanele (ukuba babhaliswe). Uma unamaphepha asemthethweni, kakukho okukuvimbayo ukuba uhambe uyobhalisa,” kusho uNkk Ndabeni-Abrahams. 

Uphinde wagcizelela ukuthi amabhizinisi azobhaliswa ngaphansi komasipala yilawo avele ebhalisiwe ngokusemthethweni ezinhlakeni ezifanele njengakwiCompanies and Intellectual Property Commission (CIPC). Uthe kakuwona kuphela ama-spaza shop ahweba kulezi zindawo okumele abhalise, kodwa wonke amabhizinisi okubandakanya kuwo nezindawo ezidayisa inyama (butchery), nama-wholesalers. 

UMnu Velenkosini Hlabisa, onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, ugcizelele ukuthi abangenawo amaphepha okuba kuleli ngeke bazithole izimvume zokuhweba emiphakathini. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...