Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 INkunzemdaka ikhala ngenkampani yomculo ‘edla’ amandla ayo

INkunzemdaka ikhala ngenkampani yomculo ‘edla’ amandla ayo

by | 21 January 2025

UKHALA ezimathonsi umculi kamaskandi, uNkunzemdaka, ngosizi abhekene nalo, njengoba ethi sekuphele iminyaka engaphezulu kweyishumi ingamholeli inkampani ayeqopha ngaphansi kwayo. Uthi kuze kwathi ngesonto eledlule yamholela u-R276.83.

Lo mculi osemnkantshubomvu uthi ngaphambi kwemali ayithole ngeledlule, wayegcine ukuhola u-R800 kule nkampani ngo-2012, ngesikhathi enqamula isivumelwano sokusebenzisana nayo.

Uthi ukushiya kwakhe le nkampani kungenxa yokuthi wayenganelisekile ngemali anikezwa yona. Utshele leli phephandaba ukuthi umculo wakhe usadlalwa emsakazweni emikhulu nasezinkundleni zomculo okubalwa kuzona uYoutube.

“Sizofa singenayo imali ngenxa yezinkampani ezidlala ngathi. Umculo wami ufakwe yiyona le nkampani ezinkundleni zokuxhumana, abantu bayawulalela, abanye bayawuthenga ngokuthi bawu-downloade, kodwa ayikho imali engiyitholayo. Ngibuhlungu enhliziyweni yami ngoba umculo siphila ngawo, akusekho okunye esingakwenza njengoba sesikhulile ngokweminyaka,” kusho uNkunzemdaka.

Uthi uqale ukusebenzisana nale nkampani yomculo, engeke idalulwe okwamanje, ngo-2006.

“Kuyona yonke le minyaka, beyiqhubeka le nkampani iwudayisa umculo wami, nakuba besingasasebenzisani. Kuyangithusa ukuthi kuyona yonke le minyaka ngingatholi ngisho indibilishi, bese ngiholelwa la makinati ngemuva kweminyaka eyishumi yonke.”


Uveze ukuthi ngenxa yokuhlazeka kwakhe, uyitshelile le nkampani ukuthi ayibuyele emuva le mali ngoba ngeke iwenze umehluko emndenini wakhe.

Lo mculi uqale ukuqopha ngo-1985, eqoshwa ngowayengumsakazi woKhozi FM, uWelcome “Bhodloza” Nzimande (ongasekho) ezindlini zomsakazo eThekwini, okuthe ngokuhamba kwesikhathi wabe esedlulela eGoli, ezitudiyo ezinkulu.

I-albhamu yakhe yokuqala ngaphansi kwale nkampani yayithi “Ngize kuwe Tata”, wagcina ngethi “Zange Ngibe Umbulali”.

Imizamo yokuthola inkampani yomculo ayisola ngokumdlela imali yakhe kayiphumelelanga njengoba izingcingo bezingabanjwa.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...