MENZI JELE
ISIBONGO saKwaNzuza (oMshazi), singezinye ezidumile nezaziwayo KwaZulu-Natal. Ubukhosi baKwaNzuza, bukhona emzini wakwaCushwa, eNsingweni, eGingindldovu, ngaphansi koMkhandlu wesiFunda, iKing Cetshwayo, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal. Esifundazweni iMpumalanga, kukhona isizwe samaNdebele, esaziwa ngokuthi ngamaNdzundza. Lokhu kufakazela khona ukuthi imvelaphi yabakwaNzuza, iseMaNdebeleni ngoba uNzuza (igama lomuntu), uzalwa nguNdebele (igama lomuntu), owayeyindodana encane Mnguni kaNtu. Njengamanje le ngxenye yamaNdebele, izinze ngasemfuleni iNdubazi (iTubase), ngaseSteelport, eMpumalanga, bakhelene nezizwe zamaPedi.
UKUFIKA KWABAKWANZUZA KWELENDLOVUKAZI UMTHANIYA.
Abantu baKwaNdzundza (Nzuza), beseKwaNdebele, babaziwa ngokuthi baphatha futhi bathaka amakhambi, beyizinyanga ezihlonishwayo futhi bedume izwe lonke. Bafudukele eningizimu yezwe, baqhamuka ngesikhala sabeSotho, enhla nezintaba zoKhahlamba. Sebefikile kweleNdlovukazi uMthaniya, iNkosi uSenzangakhona kaJama, yaganwa nguMkabi, indodakazi kaSodubo, wakhona kwaNzuza. Indlovukazi uMkabi, wazibula ngomfana owadlula emhlabeni esemncane. Waphinda uMkabi, walamanisa ngentombazane uNozinhlanga, eyaqanjwa ngomfula uMzinhlanga engaseMpembeni. AbakwaNzuza, njengoba babengabantu ababewazi amakhambi, baze bakhonzwa ngisho nguShaka eseyiNkosi KwaZulu.
ILEMBE LIGADLA NGEZINYANGA ZAKWANZUZA.
ISilo uShaka kaSenzangakhona, sahlela ukuhlasela iNkosi uZwide kaLanga wakwaNdwandwe. Isizwe sakwaNdwandwe, sasinamandla futhi amabutho aso emaningi. UShaka wabona ukuthi akufanele axhamazele, akakuhlelele kahle ukuhlasela uZwide. Ngaphambi kokuba lihlasele iLembe, lajuba izinyanga ezimbili zakwaNzuza, uMqalane noMbeleko, ukuthi bayobethela izikhonkwane kwaNdwandwe, emzini lapho iNkosi uZwide, izobe ikhona. Ngempela zafika lezi zinyanga zakwaNzuza, esigodlweni seNkosi uZwide, zathi zibalekile KwaZulu, zixoshwe nguShaka, ufuna ukuzibulala.
INkosi uZwide, yabemukela ngezandla ezimhlophe, laba bakwaNzuza, ibadabukela, yabahlabisa badla, babusa, banikwa notshwala, bakhomba ngophakathi. INkosi yakwaNdwandwe, ayikaze isole ukuthi laba bakwaNzuza, ziyizinhloli futhi beze ngobubi. Izinyanga zawaNzuza, zavuka ngesikabhadakazi, zagxumeka izikhonkwane kuzo zonke izintuba zomuzi kaZwide, akuze angabi namandla uma sekuliwa.
Izinkonwane lezi, izinyanga zakwaNzuza, zazigxumeka nasendleleni yonke, ebheke kwaBulawayo, esigodlweni seLembe. Ivuka nje iNkosi uZwide, itshe selome inhlama, awasabonwa nangalukhalo lamadoda akwaNzuza, abecele ukukhoseliswa ngoba “exoshwa” nuShaka. Ngesikhathi impi yeLembe neNkosi uZwide ibambana, isuka eMhlathuze ize iyophelela kwaGqokli, ngo-1818, eyakwaNdwandwe yaphelelwa ngamandla ngenxa yazo izintelezi nezikhonkwane zezinyanga zakwaNzuza.
IQHAWE UNOZISHADA KAMAQHOBOZA NZUZA.
UNozishada kaMaqhoboza, kwakuyiqhawe lakwaNzuza alalwa izimpi zamakhosi uShaka noDingane. Wayezalwa isithole sakwaKhanyile, uMasicizana. Yingakho ezibongweni zikaNozishada kuthiwa “Unyawo olungangendlu kanina uMasicizana. Intaki eduke nomhlambi ngoba iduke nezakwaMzilikazi”. NeLembe lalimeseba uNozishada, ngoba yize wayenempehlwa futhi evuvukalelwa izinyawo, kodwa uma eselwa wayegxumisa okwebhubesi. UNozishada kaMaqoboza, walwa izimpi eziningi zeSilo uDingane. Wayekhona eMpini yaseNcome yangoZibandlela ka-1838, wayekhona kuhlaselwa umuzi kaMzilikazi, eMhlahlandlela (ePretoria njengamanje).
Wabulawa eMaqonqo uNozishada, eKwaliweni, kwelakwaNyawo, ngo-1840. Ngesikhathi kuliwa eMaqonqo abalandeli bakaMntwana uMpande, nabeSilo uDingane, uNozishada walwa elekelela amabutho eSilo uDingane. UNozishada lona, wabulala inqwaba wamabutho kaMpande, walwa waze wavuvukala izingalo.
Kuthiwa uNozishada waqhwakela phezu kwedwala, wakhipha isungu lakhe, wabhema, walahla imikhonto yakhe, wathi amabutho kaMpande awambulale. Wathi ngeke yena abuswa nguMpande “ivaka”. Nangempela amahubo kaMpande amciba ngemikhonto aze ambulala, uNozishada.
ABAKWANZUZA NJENGAMANJE.
Abantu bakwaNzuza eKZN, ubathola kwaNongoma, eMpangeni, eShowe njengoba beyizinduna eHabeni, emnzini kaMntwana uBhekeshowe kaMkhungo kaMpande, endaweni yaseMkhwelantaba naKwaBulawayo. Ubukhosi bakwaNzuza, busesigodlweni kwaCushwa, enhla naseNsigweni. UMntwana weNkosi uMfundo kaMntukafi Nzuza, nguyena osephakathiyisiwe ukuthi abe yinkosi yoMshazi noma engakabekwa. INkosi uMntukafi Themba Nzuza, izalwe yiNkosi uZwelibanzi kaSisilasophindo ozalwe yiNkosi uNgwenya Nzuza.
Ngesikhathi kudlula emhlabeni uJohn Dunn (uJantoni), kuthiwa kwasuka umsindo iNkosi uNgwenya, befuna ukuyidiliza esikhundleni. Amadoda akwaKhubisa nawakwaNgidi, ashaya phansi ngonyawo athi wona azi ukuthi uNgwenya Nzuza, nguyena inkosi yabo. UNgwenya uzalwa nguNojiya yena azalwe nguShadu, yena azalwe nguNondumo.
IZIHLABANI ZAKWANZUZA.
-UMnu. uMlungisi Percy Nzuza, ungoSobhizinisi ohlonishwayo KwaZulu-Natal. Ungumnikazi weNongoma Inn, iNongoma Lodge, nezindawo zokulala oPhongolo, naseMhlanga, eThekwini.
-UNkz. uS’thandwa Nzuza, wayenguMsakazi woKhozi FM.
-Abalingisi uWelile Nzuza noThobani Nzuza, ngabakulesi sibongo.
-UChef uSimphiwe Nzuza, ungumpheki osezakhele ugazi negama kulo mkhakha.
IMITHOMBO:
-Prof uJohn Laband: Rope of Sands.
-Mafega Fuze: Abantu abamnyama lapho bedabuka khona.
-INkosi uMfundo kaMntukafi Nzuza.
menzi.jele@ilanganews.co.za.