Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Abantu bakwaZungu nabo baziwa ngokuthi amazalankosi

Abantu bakwaZungu nabo baziwa ngokuthi amazalankosi

by | 25 February 2026

UMA sibahasha sithi:Manzini!Gwabini!Nyama kayishiisha ngabaphephezeli!Gede!Ncwane yenkomo yaseMahenyeni!Sengwayo!Nina enakhishwa ngenoni emgodini!Nina baseNtandakuwela!

Kule ngosi ngesonto eledlule sibhale ngabakwaSibiya, ukuthi bazala amakhosi eseNdlunkulu kaZulu.
NabakwaZungu, siyathola ukuthi nabo bangamazalankosi lapha eNdlunkulu kaZulu.
Izindlovukazi uNozidiya owagana iNkosi uMalandela, bazala uQwabe noZulu, wayezalwa kwaZungu, unina kungokaKhuba Mpungose.
INdlovukazi uNgqumbazi (okaMbondi), owagana iSilo saKwaNodwengu, iNkosi uMpa-nde kaSenzangakhona, bazala abaNtwana uCetshwayo, uNdabuko, noMbhixabhixa, wayengo-wakwaZungu, isibongo sakhe.
UNdlunkulu osaphila weSilo uBhusha, iNgonyama uCyprian Bhekuzulu, uNdlunkulu oka-Gwabini, uzalwa kwaZungu, KwaLindizwe, KwaNongoma.

INDABUKO YABANTU BAKWAZUNGU

Abantu bakwaZungu kuthiwa baphuma eNkosini uNcwane, kaMhlehlo, kaNyamakayishi, kaGwabini. INkosi uNcwane, yayinamadodana amabili
uMakhoba (omdala) noZungu (omncane).
INkosi uNcwane, isikhulile, kuthiwa yabiza umndeni, yamemezela ukuthi uma idlula
emhlabeni, umuntu oyohola umndeni nguZungu.
UMakhoba, yize ayemdala, akazange abe nankinga ngalo-kho, wasemukela isifiso sikayise. UZungu, esekhulile wakha phakathi kwemifula iMfolozi eMhlophe neMfolozi eMnyama, uma ubheke eMbhekamuzi.
Ngesikhathi uZungu eseyinkosi uMakhoba umnewabo, wahamba wayokwakha eNtabankulu.

INKOSI UMANZINI ZUNGU IBA NGUMNGANI WESILO USHAKA

INkosi uManzini iphathe isizwe saKwaZungu kubusa iSilo uShaka kaSenzangakhona. Waba nobudlelwano obuhle neSilo uShaka, ngoba waze wathatha nebutho lezinsizwa zakwaZungu, wazifaka emabuthweni kaShaka.
Leli butho kwakungaManke-ntshane igama lalo, lingahlehli empini.
Yilona leli iLembe elehlula ngalo impi kaZwide kaLanga, Ndwandwe.
ILembe, lakhipha izinkomo lithenga aMankentshane eNkosini uManzini.

INKOSI UTSHANA KAMANZINI ZUNGU NAMADODANA AKHE

INkosi uManzini, izale amadodana uTshana, uNqangi, uMgedeza, noPhasheni. UMgedeza esekhulile, wathutha KwaHlo-phekhulu, wayokwakha eMpaphala, wakhelana nesizwe samaMbedu.
UMgedeza, eMpaphala, uzale uMadlebe. Ngesikhathi uDinga-ne eba yisilo KwaZulu, wabulala abantu ababesondelene neLe-mbe. Phakathi kwabantu ababulala, kwaba khona noNzwakele kaKhushwayo wakwaDube.
ISilo uDingane salanda uMadlebe kaMgedeza eMpaphala, samnika indawo eyayiphe-thwe nguNzwakele Dube, sathi makayibheke.
ISilo uDingane (indunduma yaseMgungundlovu), salanda noMahlubulo wakhona kwaZu-ngu, ukuyolekelela uMadlebe kaMgedeza, ekubhekeni izwe.

INKOSI ULOKOTHWAYO KAMADLEBE

UMADLEBE wabekwa wabayi-nkosi yiSilo uDingane, samsikela nezwe. INkosi uMadlebe, izale uLokothwayo owaba yinkosi naye ekukhuleni kwakhe.
INkosi uLokothwayo, yayiga-nwe yizintombi ezintathu
zakwaMthethwa.
Kulezo zintombi izale uZanya (inkosana), uMahlambulana (ikhohlwa), noPhesheya (iqadi). UZanya, wazala amantombazane odwa, akabatholanga abafana.
UMahlambulana, wayengeke abuthathe ubukhosi ngoba wayezalwa endlini yasekho-hlwa.
Ubukhosi bagcina buwele kuPhesheya kaLokothwayo, ngoba wayezalwa eNdlini yeqadi. iNkosi uPhesheya, uzale iNkosi uKangikho.
iNkosi uZenzo Khulumangifile Zungu, eseMevamhlophe, eMpa-ngeni, yiyona ebusayo kule ndlu yaKwaMadlebe njengamanje.

UBUKHOSI BAKWAZUNGU OKHUKHO (EMAHLABATHINI)

Yiyona ndlu enkulu yobukhosi bakwaZungu lena.
INdlovukazi uNgqumbazi, ezale iSilo uCetshwayo, yayiza-lwa kule ndlu. INkosi uMfana-wendlela kaManzini, nguyena owakhula noMntwana
uCetshwayo, kungumzala wakhe.
Ngesikhathi iSilo uCetshwayo, sidingisiwe ngemuva kweMpi yasoNdini, yangoNtulikazi (July), 1879, uMfanawendlela ngomunye wamakhosi asikelwa izwe seliklanywa iziqephu eziwu-13.
INkosi uMfanawendlela, izale iNkosi uMagojela, yena wazala iNkosi uBhekifa, yona yazala iNkosi uMqiniseni, ozale iNkosi uMpiyasokhukho George, owayebanjelwe nguMnu Cuphulaka Zungu.

UBUKHOSI BAKWAZUNGU E-HARDING

UPhasheni kaZungu kuthiwa wahamba namabutho eSilo
uShaka, beyohlasela iNkosi uGambushe eMaMpondweni.
Ngesikhathi amanye amabutho esebuya, uPhasheni wasala ogwini oluseningizimu, wagcina esezinze khona.
Abantu abasala laphaya bagcina sebeholwa nguDeyi kaDeyana kaPhasheni.

IMITHOMBO ESETSHENZISIWE

  • Yincwadi kaSol. Thamsanqa E Sithole ethi, “Izithakazelo nezibongo zaKwaZulu”.
  • NguMnu Maphelu Zungu, oqoshwe kuJames Stuart’s Archives.
  • Yingxoxo noMnu Cuphulaka Zungu, emzini wakhe eMahlabathini.
    menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...