Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Abantu basayethemba i-ANC – Mbalula

Abantu basayethemba i-ANC – Mbalula

by | 6 December 2024

NGUMNU Fikile Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC.

BHEKI NDLOVANA

UFIKILE Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC uthi imiphumela yakamuva yokhetho lokuchibiyela ezindaweni ezahlukene komasipala ezweni lonke ikhombisa ukuthi abantu basayethemba i-ANC.

Usho lokhu ngoLwesihlanu emini esithangamini sabezindaba, lapho ebekhuluma khona ngezinto ezehlukene ezenzekayo ezweni.

Uthi ezindaweni eziwu-18 lapho i-ANC ibingenele khona lolu khetho lokuchibiyela, inqobe kweziwu-14. Uthi nakuba behluliwe okhethweni lokuchibiyela obeluseMtubatuba KwaZulu-Natal, lapho kunqobe khona i-IFP, kodwa isibalo samavoti abasitholile sikhombisa ukwenza kangcono kwenhlangano yakhe.

UMbalula uthi okhethweni obelungomhla ka-29 kuNhlaba kulo nyaka, kule wadi yaseMtubatuba babethole amavoti awu-217, kodwa kulolu lokuchibiyela bathole angaphezu kuka-900.

Lokhu ukuhumusha ngokuthi kusho ukubuya kwamavoti ebisilahlekelwe yiwona i-ANC.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...