Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Abantu basayethemba i-ANC – Mbalula

Abantu basayethemba i-ANC – Mbalula

by | 6 December 2024

NGUMNU Fikile Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC.

BHEKI NDLOVANA

UFIKILE Mbalula onguNobhala-jikelele we-ANC uthi imiphumela yakamuva yokhetho lokuchibiyela ezindaweni ezahlukene komasipala ezweni lonke ikhombisa ukuthi abantu basayethemba i-ANC.

Usho lokhu ngoLwesihlanu emini esithangamini sabezindaba, lapho ebekhuluma khona ngezinto ezehlukene ezenzekayo ezweni.

Uthi ezindaweni eziwu-18 lapho i-ANC ibingenele khona lolu khetho lokuchibiyela, inqobe kweziwu-14. Uthi nakuba behluliwe okhethweni lokuchibiyela obeluseMtubatuba KwaZulu-Natal, lapho kunqobe khona i-IFP, kodwa isibalo samavoti abasitholile sikhombisa ukwenza kangcono kwenhlangano yakhe.

UMbalula uthi okhethweni obelungomhla ka-29 kuNhlaba kulo nyaka, kule wadi yaseMtubatuba babethole amavoti awu-217, kodwa kulolu lokuchibiyela bathole angaphezu kuka-900.

Lokhu ukuhumusha ngokuthi kusho ukubuya kwamavoti ebisilahlekelwe yiwona i-ANC.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...