
“USHAYWE ngoswazi oluncane”‚ ugobela olahlwe yicala lokubulala ithwasa lakhe, ayelisola ngokugqekeza nokweba amaphisisi emzini womfowabo, esigamekweni esenzeka ngo-2023.
UBonginkosi Ndlovu (34), oyisangoma, ulahlwe yiNkantolo yesiFunda saseNgwelezane ngecala lokubulala ithwasa lakhe uMnu Njabulo Mthethwa (26), okuthiwa washaywa kanzima ngezinduku nangezinsimbi”. UNdlovu ubevele kule nkantolo ngoLwesithathu, lapho iMantshi uNhleko (elingatholakalanga igama layo) imgwebe khona iminyaka ewu-15 ebhadla ejele.
Ngokobufakazi obethulwe phambi kwenkantolo, kuthiwa umufi wayesolwa ngugobela wakhe ngokugqekeza, antshontshe amaphisisi nezinye izimpahla, okwaholela ekutheni amshaye ebambisene nomunye wesilisa ogcine esengufakazi wombuso. Ezikhalela ecela isigwebo esincishisiwe, uNdlovu uveze ukuthi ushadelw, wondla nezingane zakhe eziyisihlanu emalini elinganiselwa ku-R12 000 ayithola nyanga zonke ngomsebenzi wokwelapha.
Unxuse inkantolo ukuba imnike isigwebo esilengisiwe nenhlawulo ka-R15 000. Yethula isigwebo, imantshi iveze ukuthi okwe-nziwa nguNdlovu kwaba yisihluku esifanelwe ukujezelwa.
“Izathu azibekile kakuzona izizathu engingabambelela kuzo, ngimnciphisele isigwebo. Kuyiqiniso ukuthi kayikho ingane okumele ikhuliswe ngumzali oyedwa, kodwa ummangalelwa akakucabanganga lokho ngesikhathi ebulala ngesihluku umufi.
“Kangisiboni isizathu esi-ngenza ngimnike isigwebo esinciphile, futhi kuleli cala alenzile kungaba yiphutha eliphindiwe ukumnika inhlawulo ngoba kungadlula umyalezo okungewona ngobulungiswa. Leli cala lingapha-nsi kwesigaba sika-51, womthetho wamacala obugebengu, okwenza isigwebo salo esishicilelwe, kube yiminyaka ewu-15. Ummangalelwa ngibona imfanele le minyaka ewu-15,” kusho uNhleko.
Ekhuluma neLanga uMnu Jabulani Mthethwa, onguyise kamufi, uthi namanje unemibuzo engenazo izimpendulo ngokubulawa kwendodana yakhe.
“Okokuqala okungizwisa ubuhlungu wukuthi uNdlovu akakaze aphumele obala ngezizathu zokubulala indodana yami njengoba icala eliphike waze wagwetshwa. Engakuzwa ngababeseduze ngesikhathi kwenzeka isigameko, waye-yisola ngokugqekeza yebe inyama, amaphisisi, wabe eseyishaya yaze yashona,” esho.
Utshele ILanga ukuthi kwenzeka lesi sigameko nje, indodana yakhe kwase kukade yakuphothula ukuthwasa kuNdlovu.
“Indodana yami beyihlushwa ngabantu abadala, okwathi uma kuyiwa kuNdlovu, wathi angayisiza. Ngabe sengimkhokhela u-R5000 ngomsebenzi ayezowenza kwindodana yami. Nayo leyo mali, wagcina ebuyise engaphelele (uNdlovu) ngemuva kokufa kwendodana yami.
“Ngosuku okwenzeka ngalo isi-gameko, ngafonelwa ngamaphoyisa, engazisa ukuthi kayisekho (indodana yami). Kwangimangaza ukuthola ukuthi ibulawe ngugobela wayo, ngazibuza ukuthi kungani engangifonelanga, angibikele uma kukhona ukuganga ekwenzile, kunokuthi ayibulale. Ngesinye isikhathi ngize ngisole ukuthi wathwala ngayo, ngoba akanginiki incazelo ecacile ngokuyibulala,” esho.
UMthethwa uthi uyasemukela isigwebo nakuba engagculisekile ngaso. Ubonge ukuthi icala selifike esiphethweni, yize indodana yakhe ethi ngeke isavuka.
“Isigwebo ngiyasemukela, kodwa kangigculisekile ngenxa yobuncane baso nokuthi indodana yami ngeke isavuka,” kuchaza uMthethwa.







