Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Lizolekelela ngezilimi ezikoleni irobhothi ‘elifundisayo’

Lizolekelela ngezilimi ezikoleni irobhothi ‘elifundisayo’

by | 24 August 2025

NGUDKT Mbongiseni Mazibuko oyiDeputy Director General wakwaCurriculum, eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkz Bonisiwe Gumede ongumsunguli werobhothi, nesekela likangqongqoshe wezesayensi nobuchwepheshe, uNkz Nomalungelo Gina, ngesikhathi kwethulwa irobhothi lezemfundo, eThekwini, ngoLwesibili.
ISITHOMBE NGU: MTHOBISI SITHOLE

ALIZOKUTHATHA imisebenzi yothisha irobhothi elisungulelwe ukusiza abafundi ezifundweni zabo kuleli. Leli robhothi elikhuluma zonke izilimi, lethulwe ngoLwesibili ebusuku, eThekwini, yinkampani iBSG Technologies.

Lisungulwe nguNkz Bonisiwe Gumede (31), waseHluhluwe, ohlale isikhathi eside emazweni aphesheya, efunda ezobuchwepheshe nesayensi. UNkz Gumede uveze lezi zindaba phambi koMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, nokazwelonke wesayensi nezobuchwepheshe obumelwe yisekela lika-Ngqongqoshe, uNkz Nomalungelo Gina.

UNkz Gumede uthi leli robhothi lizosiza kakhulu abafundi uma befuna ukubuyekeza okufundiswe ngothisha, libachazele ngolimi oludingwa ngabafundi.

“Leli robhothi lisebenzisana nothisha ukuze lilekelele emsebenzini wekilasi. liyakwazi ukufundisa lokhu okufunwa ngumfundi, abuze imibuzo ngazo zonke izilimi zakuleli zwe. Akusikhona ukuthi lizothatha umsebenzi wothisha, kodwa lizolekelela (tutor) ngobekufundiwe, mhlawumbe umfundi wasilela emuva noma uma kukhona angakuqondi kahle, liyamsiza,” kusho uNkz Gumede.

Leli robhothi libizwa ngo-IRis. Utshele ILANGA ukuthi ngokwezinhlelo, ufisa lisabalale kuzona zonke izikole KwaZulu-Natal. Uthe ukulisabalalisa kwakhe, uzoqala ngokwenza imincinti-swano yezobuchwepheshe ezikoleni, bese ewinisa isikole esinqobile ngokuhlanganisa ubuchwe-pheshe besayensi obuthile.

Uthi uma umnyango wezemfu-ndo ufuna ukuthengela izikole, kuzokwenzeka lokho.

“Senza okuningi okuthinta ubuchwepheshe, sifaka ama-software kumarobhothi. ngilakhe kusukela phansi ngokusebenzisana nabanye ozakwethu emazweni aphe-sheya,” echaza.

Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Mbongiseni Mazibuko (Deputy Director General-DDG) obhekelele ukuthuthukiswa kweCurriculum, uthe leli robhothi lizoletha ushintsho olukhulu ezikoleni. Uthi bazobambisana nomsunguli walo, bameseke njengoba umnyango wezemfundo usuqale umkhankaso wezobuchwepheshe ezikoleni.

“Bazolekelela othisha ngoba banomsebenzi omningi abawe-nzayo, okwenza kube nzima ukusiza abantwana emisebenzini eyengeziwe. Leli robhothi kali-kwazi ukuzisebenzela lilodwa, kodwa lisizana nothisha. Vele umnyango wethu usemkhankasweni wokuzama ukusebenzisa ubuchwepheshe kwezemfundo emshikashikeni esinawo, noma ngabe uthisha uphazamisekile, nabazali emakhaya ngoba sebenomsebenzi wokusiza abantwana. ngakho-ke irobhothi lizokwazi ukuvala leso sikhala.

“Sijabule ngokuthi lo msebenzi wenziwe ngumuntu wakithi omnyama, wasemakhaya,” esho.

Isekela likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe, uNkz Gina, lithe bayazigqaja ngomsebe-nzi waleli robhothi. Lithe kukhombisa ngokusobala ukuthi lesi sifundazwe siyathuthuka.

“Kwamanye amazwe sekuqaliwe ukufundwa ngalezi zindlela. Uma kwenzeka umsebenzi omkhulu kangaka esifundazweni sakithi, siyajabula, futhi siyakweseka lokhu okwenzekile,” esho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...