Ilanga News
Home 9 Featured 9 Iphenduke ihlaya iGNU kuhlehla ukwethulwa kwesabelomali

Iphenduke ihlaya iGNU kuhlehla ukwethulwa kwesabelomali

by | 19 February 2025

AMAQEMBU angekho kwiGovernment of National Unity (GNU), akhuza umhlolo ngokuhlehliswa kwenkulumo yeSabelo-Mali. USomlomo wePhalamende, uNkk. uThoko Didiza, unikeze abaholi bamaqembu asePhalamende, ithuba lokuphawula njengoba bese kumenyezelwe ukuthi ukwethulwa kwalesi Sabelo-Mali, ebesilindelwe ngabomvu sekuhlehlisiwe.

UMengameli uCyril Ramaphosa, ubize umhlnagano weKhabhinethi oyisipesheli, kusalindelwe ukwethulwa kweSabelo-Mali, lapho ememezele ukuthi ukwethulwa kwaso sekuhlehlisiwe.

Kusukela ekuseni imifelandawonye yezinyunyana ICOSATU neSAFTU, bezibhikisha ngaphandle kwalapho le nkulumo ebizokwethulwa khona, nguNgqonqgoshe wezeziMali, uMnu. u-Enock Gododgwana.

Ababambisene kwi-GNU, bafinyelele kwangqingetshe, bengavumelani ngesiphakamiso sokuthi iValue Addded Tax (VAT) yenyuswe, isuke ku 15% ifinyelele ku 17 %.

UNobhala-Jikelele, we-ANC, uMnu uFikle Mbalula, noMkhulumeli wayo kuZwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu Motsiri, baqale bakhuluma nabeziNdaba bethi iKhabhinethi isavalelene. UMholi we-EFF, uMnu uJulius Malema, uthe abantu ababone ukuthi sekuyikuphela kwe-GNU lokhu.

“Abakhumbule abakwiGNU, ukuthi njengoba silapha simele abantu. Kade sayibona le-GNU yabo ukuthi yinto engeke ise izwe phambili. Bazicabangela bona.” esho.

UMnu. uMzwanele Manyi, weMK Party, uthe kungokokuqala eminyakeni engu-30, izwe lathola inkululeko, ukuthi inkulumo yeSabelo-Mali ukwethulwa kwayo kuhlehliswe. Uthe lento seyenze izwe laba yinhlekisa emhlabeni.

Amaqembu akwiGNU athe besikhona isidingo sokuthi ukwethulwa kwesabelomali kuhlehliswe ngoba kukhona izinto ezemqoka abangavumelananga nagzo bebodwa.

Ukuhlehliswa kweSabelo Mali kushaya kwezwela ngoba nabatshalizimali bekhombise ukukhathazeka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...