Ilanga News
Home 9 Featured 9 AbaseCongo ababhace kuleli banxusa ukuthi iSANDF ingakhishwa eDRC

AbaseCongo ababhace kuleli banxusa ukuthi iSANDF ingakhishwa eDRC

by | 5 February 2025

IZINKUMBI zabantu baseDemocratic Republic of Congo (DRC), ezibhace eNingizimu Afrika sezinxuse i-European Union (EU), ukuthi inswinye iRwanda. Lezi zinkumbi zabaseCongo, zimashele emahhovisini e-EU, ePretoria, zahambisa uhla lwazo lwezikhalo njengoba phakathi kokunye, bethi izihonga zamavukelambuso eM23, zixhaswa nguhulumeni waseRwanda.

Lezi zihonga, zeM23, yizona ebesezigasela eGoma, empumalanga neDRC, lapho kugcine sekudutshulwa namasosha aseNingizimu Afrika, abeyosiza eDRC ngokohlelo lokuletha ukuthula kuleliya lizwe. Angu-14 amasosha eSouth African National Defence Force (SANDF), abulewe eDRC, selokhu beqalile ukubambana ngezihluthu.
AbaseCongo abazinze kuleli bamashele ePretoria, bethi bacela iSANDF, etshalwe eDRC ingakhishwa ngoba ithemba labantu bakhona lisemasosheni.

UNgqongqoshe wezokuVikela eNingizimu Afrika, uNkk Angie Motshekga, uthwale kanzima echazela ikomidi lalo mnyango, eCape Town ngesimo sasempumalanga neDRC, njengoba amanye amalungu alo abethi amasosha akuleli awabuyiswe eDRC.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...