Ilanga News
Home 9 Featured 9 AbaseCongo ababhace kuleli banxusa ukuthi iSANDF ingakhishwa eDRC

AbaseCongo ababhace kuleli banxusa ukuthi iSANDF ingakhishwa eDRC

by | 5 February 2025

IZINKUMBI zabantu baseDemocratic Republic of Congo (DRC), ezibhace eNingizimu Afrika sezinxuse i-European Union (EU), ukuthi inswinye iRwanda. Lezi zinkumbi zabaseCongo, zimashele emahhovisini e-EU, ePretoria, zahambisa uhla lwazo lwezikhalo njengoba phakathi kokunye, bethi izihonga zamavukelambuso eM23, zixhaswa nguhulumeni waseRwanda.

Lezi zihonga, zeM23, yizona ebesezigasela eGoma, empumalanga neDRC, lapho kugcine sekudutshulwa namasosha aseNingizimu Afrika, abeyosiza eDRC ngokohlelo lokuletha ukuthula kuleliya lizwe. Angu-14 amasosha eSouth African National Defence Force (SANDF), abulewe eDRC, selokhu beqalile ukubambana ngezihluthu.
AbaseCongo abazinze kuleli bamashele ePretoria, bethi bacela iSANDF, etshalwe eDRC ingakhishwa ngoba ithemba labantu bakhona lisemasosheni.

UNgqongqoshe wezokuVikela eNingizimu Afrika, uNkk Angie Motshekga, uthwale kanzima echazela ikomidi lalo mnyango, eCape Town ngesimo sasempumalanga neDRC, njengoba amanye amalungu alo abethi amasosha akuleli awabuyiswe eDRC.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...