Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Asikaze sathola izikhalazo ngokushicilela imiphumela ka-matric’

‘Asikaze sathola izikhalazo ngokushicilela imiphumela ka-matric’

by | 7 January 2025

UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke usamile ekutheni awukaze wathola izikhalazo kubafundi bakamatikuletsheni noma kubazali babo ngokushicilelwa kwemiphumela yabo emaphephandabeni.

Umnyango uveza lokhu nje, iNkantolo eNkulu yasePitoli ilalele isicelo esiphuthumayo senhlangano ebhekelele ukugcinwa kwemininingwane yabantu i-Information Regulator (IR), efuna ukuba le nkantolo iphoqe umnyango ukungayishicileli imiphumela kamatikuletsheni ka-2024 emaphephandabeni mhla ka-14 kwephezulu.

Le nhlangano ikholwa wukuthi ukuyishicilela imiphumela kuwukwephula ilungelo lokugcinwa kwemininingwane yabantu iyimfihlo, elihlinzekwa wumthetho i-Protection of Personal Information Act (Popia).

I-IR ithi ifuna umnyango uhlinzeke imiphumela yabafundi usebenzisa ezinye izindlela ezingekho emehlweni abantu, okungaba wukuthi abafundi bayilande ezikoleni abebefunda kuzona (imiphumela).

Umnyango uthi akukho lungelo elephulwayo ngokushicilelwa kwemiphumela njengoba ngo-2022 inkantolo yanquma ukuthi kuqhutshekwe nokushicilelwa, kodwa kusetshenziswe inombolo yokuhlolwa yomfundi, ingadalulwa eminye imininingwane.

Icala belisaguqe okwesikhashana ePitoli namuhla ngoLwesibili.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...