Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 ‘Asikaze sathola izikhalazo ngokushicilela imiphumela ka-matric’

‘Asikaze sathola izikhalazo ngokushicilela imiphumela ka-matric’

by | 7 January 2025

UMNYANGO weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke usamile ekutheni awukaze wathola izikhalazo kubafundi bakamatikuletsheni noma kubazali babo ngokushicilelwa kwemiphumela yabo emaphephandabeni.

Umnyango uveza lokhu nje, iNkantolo eNkulu yasePitoli ilalele isicelo esiphuthumayo senhlangano ebhekelele ukugcinwa kwemininingwane yabantu i-Information Regulator (IR), efuna ukuba le nkantolo iphoqe umnyango ukungayishicileli imiphumela kamatikuletsheni ka-2024 emaphephandabeni mhla ka-14 kwephezulu.

Le nhlangano ikholwa wukuthi ukuyishicilela imiphumela kuwukwephula ilungelo lokugcinwa kwemininingwane yabantu iyimfihlo, elihlinzekwa wumthetho i-Protection of Personal Information Act (Popia).

I-IR ithi ifuna umnyango uhlinzeke imiphumela yabafundi usebenzisa ezinye izindlela ezingekho emehlweni abantu, okungaba wukuthi abafundi bayilande ezikoleni abebefunda kuzona (imiphumela).

Umnyango uthi akukho lungelo elephulwayo ngokushicilelwa kwemiphumela njengoba ngo-2022 inkantolo yanquma ukuthi kuqhutshekwe nokushicilelwa, kodwa kusetshenziswe inombolo yokuhlolwa yomfundi, ingadalulwa eminye imininingwane.

Icala belisaguqe okwesikhashana ePitoli namuhla ngoLwesibili.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...