Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kumangalelwe inkosi ‘exova isizwe’

Kumangalelwe inkosi ‘exova isizwe’

by | 27 August 2025

YINKOSI uPhathisizwe Philbert Luthuli, yesizwe sasemaThulini, eMgababa.

KUZOQHOPHEKA umlando eNkantolo eNkulu yaseThekwini kusasa ngoLwesine njengoba kuzovela iNkosi yesizwe sakwaLuthuli, eMgababa, emangalelwe ngamalungu omphakathi, okuyisizwe esiphethe.

INkosi uPhathisizwe Philbert Luthuli, ivulelwe amacala “okuxova” isizwe, nokugwazelwa, njengoba imangalelwe ngamalungu eMnini Community Trust.

Kuthiwa inkosi ifike yabiza umhlangano womphakathi. ihamba namadoda abehlome ngemijoja-ntaba yezibhamu, yamemezela ukuthi isiyayidiliza induna yaseMagabheni neyaseMagcino, okuyizigodi zasesizweni saseMathulini.

Umphakathi ubuze ukuthi izinduna zidilizelwani, amadoda afike nenkosi “asabisa abebebuza”. USihlalo weMnini Community Trust, uMnu Busani Luthuli, uthi isimo kasisihle endaweni ngoba inkosi kayiqali ukudiliza izinduna “ezisebenzela abantu ngokwethembeka”.

“INkosi kayisiphethe neze kahle siyisizwe. Uma uthenga indawo yokwakha la eMathulini, kayisekho engaphansi kuka-R75000. Lezi zinduna uMadlanduna (inkosi) azidilizayo, ngabantu abakhuthele, futhi abaletha intuthuko endaweni, njengoba bekwazi ukusebenza namakhansela.

“Le nto eyenziwa yinkosi ingagcina isiholele ekutheni umphakathi ulwe wodwa. Lolu daba sesilufake enkantolo ngoba sigwema ukuchitheka kwegazi. Ukhumbule ukuthi izinduna seziyahola.

“Uma udiliza induna, kufana nokuthi ukhipha umbele emlonyeni wendoda. Inkosi ike yakwenza lokhu ngo-2010, idiliza enye induna ingenzanga lutho olubi, kwaze kwangenelela abakwaCogta, yabuyiselwa esikhundleni sayo leyo nduna,” kusho uLuthuli.

Kuthiwa izinduna ezidilizwe yinkosi ziwuzalo lwayo ngoba, nazo ngezakwaLuthuli isibongo. Ithintwa iNkosi uLuthuli, ithe izoya enkantolo ngoLwesine.

“Laba bantu asebegijima beyokhuluma kabi ngami emaphepheni, ngiyabazi. yilaba bantu abangangifuni. Bathi bawuzalo lwami, kanti bakude kabi nami. Izinduna lezi engizidilizile, yilezi ezingasangihloniphi.

“Njengomholi wesizwe, kangikwazi ukusebenza ngizungezwe ngabantu abangangihloniphi nabangangifuni. Kawukho umthetho engawephula ngokudiliza lezi izinduna ezimbili. Ngizofika ngichaze futhi nasenkantolo.

“Ngibabaza ubuxoki nje kubantu balapha eMathulini, ekubeni ngiyinkosi esinesikhathi isesihlalweni,” kusho inkosi.

Inkosi ikuphikile ukuthi ibeka abantu endaweni, ibakhokhise u-R75 000 ngezindawo. Indawo yenkosi uLuthuli yinhle ngoba inezindawo zokungcebeleka nokuphola njengeMnini Holiday Resort, egudle ulwandle.

UMnu Senzelwe Mzila, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uthunyelelwe umqhafazo, ebuzwa ukuthi inkosi iyakwazi yini ukudiliza izinduna ingabonisananga nesizwe, nokuthi zidilizwe engekho amacala eziwenzile. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uMzila engabuyelanga ephephandabeni ILANGA.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...