Ilanga News
Home 9 Featured 9 AbaThembu base-Eastern Cape akubona abozalo lukaMvelase

AbaThembu base-Eastern Cape akubona abozalo lukaMvelase

by | 1 November 2024

IFAGUGU LESIZWE: MENZI JELE

ABATHEMBU bayisibongo esikhulu ezizweni zabeNguni ngoba sizale amaqhawe nezihlabani emikhakheni eyahlukene. BangamaNtungwa-Nguni, ngoba ekufudukeni kwabo besuka enkabazwe, babehamba namanye amaNtungwa-Nguni; abasemaMbatheni, abakwaKhumalo, amaChunu nezinye izibongo ezazingaphansi kwalesi sigaba. 

NGENYE yezindawo zase-Eastern Cape lapho kwafudukela khona abanye abaThembu.

Bafika nje kwelikaMthaniya, baqhamuka ngaseNtilasifali, bagcina sebezinze eMseleni kuze kuyoshaya olwandle. Babeholwa nguMthembu (igama lomuntu), owazala amadodana amabili uMagqayima noBhomoyi. Uzalo lukaMagqayima yilolu olwasabalala nelikaMthaniya, kanti olukaBhomoyi – ekufudukeni kwabo abaThembu sebesuka eMseleni – lwahamba lwaze lwayofika e-Eastern Cape, phesheya koMfula iNciba. UMagqayima uzale uNyandeni, yena wazala uGeze, ozale uLushozi, ozale uNdaba, wazala uMnisi.

ABATHEMBU E-EASTERN CAPE

AbaThembu baseEastern Cape kababona abozalo lukaMvelase. KunabaThembu abasebenzisa isibongo sakwaMvelase, okuyindlu encane, ngoba uMthembu ngowasendlini enkulu lena eyazala uMagqayima noBhomoyi. UMvelase wayengowasendlini encane yasebaThenjini. 

BeseseMseleni, abaThembu bahlaselwa ngamabutho akwaMthethwa, abanye bagcina sebeyizinduna zeNkosi uDingiswayo kaJobe Mthethwa, ngoba behlulwa. Abanye bafuduka baze bayowela uMfula iNciba, e-Eastern Cape. 

INKOSI uBuyelekhaya Dalindyebo noMnu Themba Mthembu weSACP.

Kulapho-ke sekuvela abaThembu abazibiza ngamaDhlomo; okungoMandela, uMathanzima, uMtirara, uDalindyebo, noMphahlwa. E-Eastern Cape bazinze kusuka eMthatha kwehle, bakhelana nesiwe samaRarabe, eMqanduli. Bakhona naseMqhekezweni (iNdlunkulu kaMtirara).

ABATHEMBU ABASALA KWAZULU

Abasala kwelikaMthaniya bagcina sebezinze enhla noThukela, eMsinga. Bagqame ngesikhathi bephethwe nguNgoza kaMkhubukeli. Impi yeSilo uShaka yahlasela abaThembu. Yalwa phakathi koMfula iGubazi neNtaba iQhudeni, eNkandla. Amabutho eSilo uShaka ahlulwa, sahamba sayolanda amanye phesheya koThukela. Sabuya namabutho uNgoza esethuthule wayolanda abafowabo oBhomoyi.

NGUTHEMBINKOSI Mthembu ongumlingisi.

Ngebhadi akafikanga kubafowabo, wabulawa yisizwe samaMpondo, eQawukeni, eLusikisiki. Amathambo eNkosi uNgoza alandwa ngabaThembu baseMsinga, ngo-2013, sebephethwe yiNkosi uSiphamandla Mthembu, (uNgoza III) ebusayo eMsinga njengamanje. Indawo eyaba yisabelo sabaThembu isekhona eMsinga, kwenyuke ngaKwaNobamba (iWeneen) kuze kuyofika eMnambithi. Bakhelene namaChunu, abakwaMabaso, amaQamu (abaKwaMajozi), amaBomvu (abaKwaNgubane) nabaKwaSithole, eMsinga naseMnambithi.

INDLU KASOMOPHO

UNdaba wasebaThenjini wazala amadodana uMlenze noMnisiwemvula (uMnisi). UMlenze kaNdaba wazala uBhacile ozale uSikhala yena wazala uSomopho. USomopho kaSikhala waba yinduna yeSilo uMpande esigodlweni saseMangweni (eMpangeni). Kukhona lapha eMangweni lapho kwa-khulela khona iSilo uCetshwayo kaMpande. ISilo uMpande samthatha uCetshwayo sambeka kuyena uSomopho ngaphambi kweMpi yaseNdondakusuka yangomhla ka-2 kuDecember 1856. 

NGUMNU Jackson Mthembu WE-ANC ongasekho.

EMpini yaseNdondakusuka, amabutho asebaThenjini eyelekelela uhlangothi lu-kaCetshwayo (uSuthu) ngoba lwalulwa ne-ziGqoza, abalandeli bakaMbuyazwe. Ngesikhathi kunempi kaZulu namaNgisi yangoJanuary 1879, uSomopho ngenye yezinduna ezazikhuza impi eGingindlovu naseNyezane, enoPhalane kaMdinwa Mkhwanazi noZimema kaSigodo wasemaNzimeleni. 

Omunye wondlunkulu beSilo uCetshwayo, kwakuyindodakazi yakhe uSomopho. Ubukhosi babaThembu KwaZulu-Natal buseMsinga, iNkosi uNgoza II, iphile isi-khathi eside yadedela izintambo kuSiphamandla Mthembu (uNgoza III), oyiNkosi yabaThembu bonke jikelele. Kukhona ubukhosi basebaThenjini eMacekane, eMpangeni.

 Obunye buseNonoti, ngaKwaDukuza.

ABATHEMBU NJENGAMANJE

E-Eastern Cape kuNkosi yabaThembu (ikumkani), uBuyelekhaya kaSabatha Dalindyebo (Ah! Zwelibanzi) esiGodlweni iBumbane. KuneNkosi uMandla Mandela, KuneNkosi uMfundo Mtirara, (Ah! Bovulengwe) esiGodlweni eMqhekezweni, khona e-Eastern Cape. 

UMnu uVusi Mvelase odayisa izimoto eThekwini naseMgungundlovu, uhlanga-nise abaThembu njengoba ebengusihlalo woBumbano lwabaThembu isikhathi eside. Bakhona abaThembu esifundazweni iMpumalanga njengoba uMnu uJackson Mthembu, owayekwipolitiki, (osewashona) wayengowakulesiya sifundazwe. 

NGU-PRECIOUS Mthembu noSphelele Mthembu.

UThembinkosi Mthembu nguyena ongundabizekwayo kulezi zinsuku ngemuva kokuwola izindondo kwiSAFTA Awards. ULerato Mvelase ongumlingisi odumile, uSphelele Mthembu, waseMelmoth, ongumdlali weBaroka FC, egijima kwiMotsepe Foundation Championship noPrecious Mthembu owayedlalela iqembu lesizwe ne-netball, iProteas, bangabanye bababeke isibongo sabathembu esicongweni ngamakhono abo.

IMITHOMBO ESTSHENZISIWE.

• ISouth African History on Line.

• Incwadi eyabhalwa nguMnu. RS 

Khumalo ethi uPhoko.

menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...