SENZO SOKHELA
ABAXHASI benye yezinkomishi ezidlalelwa kwiPremier Soccer League, baphonsela inselelo amakilabhu aseyingxenye yeCarling Knockout ukuqhubeka nokuhlohla amagoli mawala njengoba kwenzekile kwi-last 16 yalo mqhudelwano abakhokhe kuyona ngaphezulu kuka-R800 000.
ICarling Knockout ikhuza ibuya ngale mpelasonto ngemidlalo yama-quarter final. Umdlalo obhekwe kakhulu ngophakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngo-18h00 eFNB Stadium, eSoweto. Lo mdlalo ubhekiwe ngoba la makilabhu esanda kutholana koweligi okugcine kuguqe kuwona iChiefs ngo-2-1. Abalandeli beChiefs kaba-gculisekanga nge-ndlela abehlu-lwe ngayo. Basonge ngokuziphindiselela kulo mdlalo wenkomishi.Â
Omunye umdlalo obhekiwe ngoweRichards Bay neCape Town City ongoMgqibelo ngo-15h00 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. Okwenza ube nesasasa wukuthi iBay yiyona kuphela eseyimele iKwaZulu-Natal kulo mqhudelwano.

Umnikazi weBay, uSifiso “Jomo” Biyela, uthi ezakhe zizimisele ngokufi-nyelela kowamanqamu kule sizini nje-ngoba ngedlule ziphume kwi-semi final.
UNonjabulo Ndwandwe oyiCarling Black Label brand manager, engxoxwe-ni yakhe neLANGA, uphonsele inselelo amakilabhu asasele kulo mqhudelwa-no ukungawashalazeli amapali. “Phambilini kuke kwaba nesikhalo samagoli ngendlela abentuleke ngayo. Siqhamuke nomncintiswano obizwa ngeFak’ igoli Uzobona, ngoba sifuna ukukhuthaza amakilabhu ukubhaku-zisa inethi. Ngokwenza lokho abala- ndeli bahlomula ngemali futhi namakilabhu ngo-kunjalo ayahlomula. Sigculisekile nge-sikubone kwi-last 16 njengoba kushaywe amagoli awu-27, okuyisibalo esisijabulisile. Nangale mpelasonto, siyacela ukuba amagoli ashaywe, thina sizimi-sele ngokukhokha,” kusho uNonjabulo.
Ucela abalandeli bala makilabhu asephumile ukuba bavotele abadlali babo ukuba yingxenye yeCarling All-Star ezodlala nekilabhu ezokuba yizingqwele zomqhudelwano wanonyaka.Â
Ukuvota, ushayela u-*120*660# bese ufaka inombolo etholakala kunoma yimuphi ubhiya, iBlack Label.
Imidlalo ye-quarter final yeCarling Knockout isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje:
NGOMGQIBELO
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Cape Town City 15h00.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns 18h00.
NGESONTO
EDr Molemela Stadium: Marumo Gallants vs Stellenbosch 15h00.
EMbombela Stadium: TS Galaxy vs Magesi 15h00.







