Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kulindelwe amahhashi awu-340 kwiDundee July yalo nyaka

Kulindelwe amahhashi awu-340 kwiDundee July yalo nyaka

by | 9 July 2026

NGUNGQONGQOSHE wezemiDlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, abamodeli bengqephu nezinye izikhulu ngesikhathi kwethulwa iDundee July yakulo nyaka.

KULINDELEKE amahhashi awu-340 kwiDundee July yalo nyaka ezokuba ngomhla ka-18 kuJuly eDundee. Umjaho walo nyaka, ozokube uhlanganisa iminyaka ewu-21 wasungulwa, uqondene nosuku lokuzalwa kukaNelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi.

Ngaphandle komjaho wamahhashi kuzokuba nombukiso wenqephu lapho abasiki bendawo nabesifundazwe bezobukisa ngemisebenzi yabo. UMenzi Buthelezi weKwaZulu-Natal Traditional Horse Racing uthe konke kuhamba kahle ngasohlangothini lokuhlela, sebelinde usuku lo mjaho.

“Silindele umjaho osezingeni eliphezulu kulo nyaka onamahhashi awu-340 aphuma kulo lonke elakuleli. Amanye aphuma emazweni angomakhelwano. Kuzogadulisana emijahweni ewu-12. Emithathu emikhulu, emibili yabesifazane neyisikhombisa yesifundazwe. Konke sesikwenzile. Sesilinde usuku lo mjaho.

“Emjahweni omkhulu kuzokube kunzima kakhulu njengoba kungelula ukugaqula ihhashi elingase linqobe. Ngiyamethemba uMpendulo onqobe nyakenye uzokwenza kahle nakulo nyaka. Kunelinye ihhashi elisha elifike ngomkhulu umfutho, uNkinga Entsha, elinqobe iNkandla May. Ngenethemba lokuthi isicoco somjaho omkhulu sizosala lapha esifundazweni ngoMgqibelo ozayo,” kusho uButhelezi.

Uncome uMnyango wezemidlalo wesifundazwe oholwa ngungqongqoshe uMntomuhle Khawula ongabaxhasi abakhulu balo mjaho ophethe imali elinganiselwa ku-R2.5 million. UKhawula uthe lo mdlalo waqala kubangwa izingubo zokulala, wanyuka waya ku-R20 000.

“Nginethemba lokuthi ngoLwesihlanu lo mhla ka-17 isiteki sizokube sesiku-R3 million njengoba manje siku-R2.5 million. Bakhona okusalindeleke ukuba bafake imali kulo mjaho. Ngaphandle kwamahhashi kuzokuba nombukiso wenqephu, abaculi bendawo nabesifundazwe, nokunye okuningi,” kusho uKhawula.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...