Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kulindelwe amahhashi awu-340 kwiDundee July yalo nyaka

Kulindelwe amahhashi awu-340 kwiDundee July yalo nyaka

by | 9 July 2026

NGUNGQONGQOSHE wezemiDlalo KwaZulu-Natal uMntomuhle Khawula, abamodeli bengqephu nezinye izikhulu ngesikhathi kwethulwa iDundee July yakulo nyaka.

KULINDELEKE amahhashi awu-340 kwiDundee July yalo nyaka ezokuba ngomhla ka-18 kuJuly eDundee. Umjaho walo nyaka, ozokube uhlanganisa iminyaka ewu-21 wasungulwa, uqondene nosuku lokuzalwa kukaNelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi.

Ngaphandle komjaho wamahhashi kuzokuba nombukiso wenqephu lapho abasiki bendawo nabesifundazwe bezobukisa ngemisebenzi yabo. UMenzi Buthelezi weKwaZulu-Natal Traditional Horse Racing uthe konke kuhamba kahle ngasohlangothini lokuhlela, sebelinde usuku lo mjaho.

“Silindele umjaho osezingeni eliphezulu kulo nyaka onamahhashi awu-340 aphuma kulo lonke elakuleli. Amanye aphuma emazweni angomakhelwano. Kuzogadulisana emijahweni ewu-12. Emithathu emikhulu, emibili yabesifazane neyisikhombisa yesifundazwe. Konke sesikwenzile. Sesilinde usuku lo mjaho.

“Emjahweni omkhulu kuzokube kunzima kakhulu njengoba kungelula ukugaqula ihhashi elingase linqobe. Ngiyamethemba uMpendulo onqobe nyakenye uzokwenza kahle nakulo nyaka. Kunelinye ihhashi elisha elifike ngomkhulu umfutho, uNkinga Entsha, elinqobe iNkandla May. Ngenethemba lokuthi isicoco somjaho omkhulu sizosala lapha esifundazweni ngoMgqibelo ozayo,” kusho uButhelezi.

Uncome uMnyango wezemidlalo wesifundazwe oholwa ngungqongqoshe uMntomuhle Khawula ongabaxhasi abakhulu balo mjaho ophethe imali elinganiselwa ku-R2.5 million. UKhawula uthe lo mdlalo waqala kubangwa izingubo zokulala, wanyuka waya ku-R20 000.

“Nginethemba lokuthi ngoLwesihlanu lo mhla ka-17 isiteki sizokube sesiku-R3 million njengoba manje siku-R2.5 million. Bakhona okusalindeleke ukuba bafake imali kulo mjaho. Ngaphandle kwamahhashi kuzokuba nombukiso wenqephu, abaculi bendawo nabesifundazwe, nokunye okuningi,” kusho uKhawula.

Ezisematheni

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...