Ilanga News
Home 9 Featured 9 Abazali bakhala ngemfundo engagculisi e-Canaan College

Abazali bakhala ngemfundo engagculisi e-Canaan College

by | 28 January 2025

BAKHALE ngokuthengiselwa ingulube isesakeni abazali bezingane ezifunda eCanaan College, eMlazi, eThekwini ngesikhathi belwela ukuthi bakhokha izimali ezishiswe kulesi sikole ngemfundo yezingane zabo kodwa konke okwakuthenjisiwe sisungulwa ngo-2019 akwenzeki.

Lokhu bakuveze emhlanganweni wabo nabaphathi besikole ngoLwesihlanu kusona lesi sikole esizimele. Abazali bathi izinga lemfundo lehla unyaka nonyaka ngenxa yokushintshashintshwa kothisha, kuliwa izimpi zangaphakathi ngezingane zabo. Lezi zimpi zobuhlanga ziliwa wothisha. Bathi izingane azenzi kahle unyaka nonyaka, abanye othisha bayashiya bakhala ngenkokhelo encane.

Baveze ukuthi eminyakeni emibili edlule linyukile izinga lokuphasa kwabantwana sekutholakale uthisha obukhali kwiMaths neSayensi, okuthe kulo nyaka bathola izindaba zokuthi naye lowo thisha usemisiwe. Bathi izingane zabo sezithwele kanzima ikakhulukazi kulezi zifundo. UMnu Vusi Sithole oyilungu elimela abazali, uthi kuningi okungahambi kahle esikoleni okuhlukumeza abazali. Uthe kuyaxaka nokuthi abanye othisha bashiye ngoba bethi bahola kancane ekubeni abazali bekhokha imali eshisiwe.


“Esitshelwa khona esikoleni, bathi ngesikhathi eqashwa lo thisha uMnu Vezi akakuvezanga kwinhlolokhono ukuthi wake wabanecala lokuthinta ingane esithweni sangasese kwesinye isikole asebenze kusona eNanda, engakafiki kulesi. Lo thisha sekuphele iminyaka emibili esebenza kulesi sikole. Sesibuza ukuthi yini ayenzile kulesi sikole, likhona yini icala lokuhlukumeza izingane zethu ngokocansi njengoba bethi abamfuni umuntu onamacala amuhlobanisa nocansi , akukho,” kusho uSithole.
Abazali bathi selokhu emisiwe lo thisha, izingane zabo azenzi kahle kwiMaths neSayensi. Uthi nezingane ziyamuncoma lo thisha ngesineke sakhe kulezi zifundo.
“Abanayo indaba nemfundo yezingane zethu kulesi sikole ngoba uthishanhloko wakhona akayena umuntu omnyama futhi ezakhe izingane azifundi khona,” esho

.
Kulo mhlangano abazali bavumelane ngokuthi bafuna kubuyiswe lo thisha omisiwe. Baveza ukuthi bakhokhiswa izimali ezishisiwe ekubeni izidingo zezingane zingenzeki, abahambisani nakho. Phakathi kwezidingo abakhale ngazo, ngukuthi awukho umtapo wolwazi esikoleni, azikho izinkundla zemidlalo ababethenjiswe zona ekubeni konke lokhu kubaliwe emalini abayikhokhayo. Kulesi sikole kukhokhwa u-R39 700 ngonyaka.

UMsunguli wesikole uMnu Nhlanhla Khambule ephawula kulo mhlangano, utshele abazali ukuthi okuningi okwenzeka esikoleni uthola imibiko kubaphathi abaqashiwe njengoba engekho ngokugcwele esikoleni. Uthe ngokwazi kwakhe, lo thisha abakhala ngaye abazali, wayekuvezile kwinhlokhono ukuthi wake wasolwa ngecala elihlobene nocansi ngaphambilini kwesinye sezikole ayefundisa kusona.
Mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...