
ISIKHULU somsakazo Ukhozi FM, uMnu Lwazi Mthabela, sithi sishaqekile ukuzwa ukuthi kukhona abebezama ukuqola umndeni oshonelwe, besebenzisa igama laso.
ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokuba abalandeli bakaMandisi Tshingana osephenduke usaziwayo kuFacebook ngokuqoqela abaswele umnikelo, beqoqele umndeni womfana owabulawa ngesihluku eQonce, e-Eastern Cape, isamba esilinganiselwa ku-R24 000, kuqhamuke owesilisa obezibiza ngoMthabela ongumphathi woKhozi FM, wathembisa ukusiza umndeni.
Kuthiwa ngemuva kokubulawa kuka-Amila Cinywa kube nabazwelana nomndeni wakhe njengoba kuvele ukuthi akanabani ngaphandle komfowabo omncane abehlala naye.
Kuphakanyiswe ukuba kuqoqwe imali yokusiza umndeni ukwazi ukumnikeza umufi umngcwabo onesizotha. UTshingana ube esenikezela nge-akhawunti yakhe ukuze abantu bayifake kuyena le mali.
Nebala abantu banikelile, umnikelo ugcine ufinyelela ngaphezulu kuka-R24 000. UTshingana ube esememezela isamba semali eqoqiwe, wabe esekhombisa izithombe edlulisela imali emndenini wakwaCinywa, ngenhloso yokuthi kulungiselwe umngcwabo obungoMgqibelo.
Ngokusho kukaTshingana, ngemuva kokudlulisela le mali emndenini, kube sekuqhamuka ozibiza ngoMthabela, wathembisa ukuthi lo mndeni uzokwazi ukukhuluma ngosizi lwawo oKhozini FM, uthole nomnikelo oqhamuka kulo msakazo.
Lo “Mthabela” kubikwa ukuthi ube esenxusa umndeni ukuba uthumele u-R10 000 ukuze konke lokhu kugcine kwenzekile. Umndeni ubuyele kuTshingana umazisa ngalokhu, okugcine kuvela ukuthi lona ngumuntu obezama ukuwuqola.
Enkundleni yokuxhumana uMthabela wangempela ukuchithile ukuthi nguyena obexhumana nalo mndeni.
Uthi ushaqekile ukuthi kunomuntu ozenza yena esebenzisa isimo esibuhlungu sokushonelwa. Uthembise ukwenza isimemezelo emsakazweni njengoba ubeseke wezwa ngalo muntu ozenza yena, esebenzisa inombolo yocingo angayifihlanga.
ILANGA linayo imibhalo yalo mlisa yomqhafazo kanti nenombolo abeyisebenzisa iyavela. Ngesikhathi leli phephandaba liyifonela le nombolo, ibanjwe ngowesilisa othe uma kubuzwa igama lakhe, waphendula ngokuthi intatheli ifisa ukukhuluma nobani.
Intatheli icele ukukhuluma noMthabela, waphendula ngokuthi akusiyona inombolo kaMthabela le, wavala ucingo. Ngokobuchwepheshe bezingcingo obukwazi ukudalula izinombolo ezifihlekile (True Caller), kuvele ukuthi le nombolo ngekaThabiso Chiefs.
Ethintwa uMthabela wangempela onenombolo ehlukile kunalena evelayo, ucele kuxhunyanwe noNkk Mmoni Ngubanem okhulumela iSABC okunguyena onegunya lokuphawula ngakho konke okuthinta lenhlangano yezokusaka.
Imizamo yokuthola uNkk Ngubane iphunzile njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe, kanti nomyalezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakawuphenduli.







