
UBALULE isipiliyoni seminyaka ewu-14 eyikhansela kuMasipala waseMhlathuze uMnu Christo Botha owethulwe iDemocratic Alliance njengekuzofoloswa ngaye esikhundleni sobumeya kulo masipala okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.
I-DA yethule uBotha oyiPhini leMeya kuwona lo Masipala ngoMgqibelo emcimbini obuseGreyville eThekwini njengozoyimela kulesi sikhundla sobuMeya kulolu khetho.
Ethula inkulumo yokwamukela ukuphakanyiswa kwakhe uBotha uqale ngokuncoma lo masipala ngokuba nombiko wezimali ongenacobho iminyaka ewu-11 ilandelana.
Uchaze lo masipala ngokuba sethubeni lokuhamba phambili ngokwezomnotho nokwakha amathuba emisebenzi. UBotha uthe isikhathi sokuba sethubeni sekumele siphele kodwa kwenzeke.
Uthe kule minyaka ewu-14 eyikhansela kulo masipala ukwazile ukugudla amagumbi amane ezindawo ezakhelene nawo okusho ukuthi uyakwazi okudingwa ngabanu baseMhlathuze.
Uthembise ukusebenza ngokuzikhandla nokuqinisekisa ukuthi izidingongqangi ziyafinyelela kubantu kubantu. Uqhube ngokuzibophezela nangokusebenzela lo masipala ngokuthembeka nobuqotho.
UBotha uveze ukuthi kumqoka ukwakha idolobha elizosebenzela umphakathi ngaphandle kokukhetha iphela emasini.
“Noma ngabe uhlala eRichards Bay, Empangeni, Engwelezane, Esikhawini noma ezindaweni zasemaphandleni, isethembiso sisodwa sokuthi kumele intuthuko ifinyelele kuwona wonke umuntu ngokulingana,” esho.
Uncome abantu baseMhlathuze ngokuba ngabantu abasebenza ngokuzikhandla okumele bakwazi ukuphila ngendlela ephephile, bathole izidingongqangi ngokufanele futhi namathuba okukhula ngokomnotho avuleleke.
“Ngakho kumele babe nomasipala ozobasebenzela ozokwazi ukubavulela namathuba abawadingayo ukuze bathuthuke empilweni nasemnothiweni,” kusho yena. UMasipala waseMhlathuze uholwa ngokubambisana phakathi kwe-IFP ne-DA.
Kulindeleke ukuthi ukhetho lohulumeni basekhaya lumenyezelwe maduze njengoba kulindeleke ukuthi luba ngasekupheleni kwalo nyaka noma ekuqaleni konyaka ozayo.
Amaqembu aseqalile ukuzilungiselela lolu khetho njengoba amaye aseqalile ukulikhankasela ngezindlela ezahlukene.







