Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Iphoyisa ‘liphelelwe wumshado ngenxa yokuba yisigqila sokugembula’

Iphoyisa ‘liphelelwe wumshado ngenxa yokuba yisigqila sokugembula’

by | 8 April 2026

LIKHALE ngokungaqini kwesandla emakhasino, kulabo abasuke sebesayine ifomu lokuba bavinjwe ukungena kuwo ngoba sebefuna ukuyeka ukugembula iphoyisa lesifazane, eliphunyuke ekubeni yisigqila sokugembula ngemuva kweminyaka ewu-18. 

UNkz Sibongile Nkabinde (47), oyiphoyisa likaMasipala waseGoli, ongumbhali wencwadi exwayisa ngokugembula, ethi “Dice Despair”, ulandise ILANGA ngohambo lwakhe lokuzama ukuyeka ukugembula, emuva kokuphelelwa wumshado wakhe, nakho konke ayenakho. Utshele leli phephandaba ukuthi ukugembula wakuqala kuwumdlalo, ngabo-2000.

“Ngicabanga ukuthi ngangineminyaka ewu-20 ngesikhathi ngiqala ukugembula. Lokhu ngangikwenza njengomdlalo. Sengiqashwe emaphoyiseni ngo-2004, ngakubona kuyindlela elula yokwenza imali eyengeziwe. 

“Ngaleso sikhathi izinto zazisahamba kahle, ngiwina, kwahamba isikhathi ngaqala ngalahlekelwa. Ngaleso sikhathi, ngase ngigembula ngoba ngifuna ukubuyisa imali engilahlekele. Ngabona ukuthi umholo wami kawusenele, ngaqala ngaya emabhange ngiyoboleka imali. Kalikho ibhange engangi- ngenaso isikweletu kulo. Emuva kwamabhange, ngangena komashonisa. Yonke leyo mali ngangigembula ngayo,” esho.

Uthi ngo-2005 wahlangana nowesilisa, wamlobola, bashada. Uthe impilo yakhe nomyeni wakhe yayihamba kahle, kodwa izinto zonakala esedayisa izimpahla zabo.

“Ngasengidayisa yonke into eseduze  kwami. Emzini wethu kwakuhlale kungqongqoza omashonisa, befuna imali yabo. Ngemuva kweminyaka emibili sindawonye, umyeni wami wakhathala, wangixosha nezingane zami ezimbili, ngabuyela ekhaya.

“Impilo kayibanga lula kuleso sikhathi, ngoba ngabuye ngashiya ekhaya, ngihamba ngihlala. Empeleni ngase ngiphilisa okwephara, yikho nje ukuthi mina ngangisebenza. 

“Kunesikhathi lapho engathi ngiyosula emsebenzini ukuze kuphume imali yami, nganqatshelwa ngabaphathi, bangibhukhela usonhlalakahle owayezongeluleka, kodwa kwavele kwafana, ngaqhubeka nokugembula. Yize kunjalo, ngisambonga umphathi.”

Uthe ngo-2018 – okuwunyaka ayeka ngawo ukugembula – wadliwa umholo wakhe nebhonsi, wabe eseyozikhulumela mathupha nezikhulu zekhasino, eyozilwisa ngokungaqini kwemithetho evimba ukungena kwabantu asebefuna ukuyeka ukugembula emakhasino.

“Uma umuntu esefuna ukuyeka ukugembula, kunefomu asayiniswa lona ekhasino ukuze avinjwe. Lelo fomu ngalisayina okokuqala ngo-2008, kodwa ngangilokhu ngingena ekhasino, kwaze kwaphela iminyaka ecela kwewu-10. 

“Ngasuka ngemuva kokudliwa, ngayolwa nezikhulu ngalokhu. Kungalelo langa lapho engathathwa khona izithombe, zathunyelwa nakwamanye amakhasino ukuba angaphinde angivumele ngingene. Babeka isizathu sokuthi ngiwuhlupho, kusuka lapho-ke kangiphindanga ngagembula.”

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...